IMeya yeTheku ihalalisele Inanda FM yethulwa ngokusemthethweni abe-MDDA

Izithombe ezibonisa ukwethulwa ngokusemthethweni kwesiteshi somasakazo Inanda FM 88.4 iMeya yeTheku ukhansela Mxolisi Kaunda, uSihlalo weBhodi leMDDA uProf Mathebula, uCEO osabambile we MDD, nomphathi siteshi seNanda FM uThandeka Msane-Ngobese

SHEILA MHLONGO

Inhlangano  yeMedia Diversity and Development Agency (MDDA) yethule ngokusemthethweni umsakazo Inanda FM 88.4 esiqede iminyaka engu-15 yabakhona , emcimbini obubanjelwe eNanda  entshonalanga yeTheku, ngomhlaka 10 Agasti 2023.

IMeya yeTheku ukhansela Mxolisi Kaunda  ube esebongela Inanda FM ngokuthola uxhaso lwemali yokufukula isiteshi ngezinsiza zokweza ngcono iStudio yaphinda yahalalisela inhlangano iMDDA ngokuhlanganisa iminyaka engu 20 yasungulwa.

Ethula inkulumo yakhe uMeya ukhuze umkhuba wokucwasana ngokobulili kanye nokucwaswa kwabantu abathandana ngobulili obufanayo nabo, wathi wonke umuntu walapha eNingizimu Afrika unelungelo lokuphila ngendlela ayithandayo.

UKaunda uphinde wancoma imisakazo yemiphakathi efana neNanda FM ngeqhaza layo lokujica amakhoni abasakazi abasafufusa ukuze bekwazi ukugcina sebezwakala emisakazweni emikhulu.

USihlalo we MDDA uSolwazi (Professor) Mathebula uhalalisele Inanda FM ngokuqeda iminyaka engu15 yonke yasungulwa, waphinde wanxusa umphakathi ukuthi weseke umsembenzi owenziwa iziteshi uphinde uthenge nesikhathi sokufaka izikhangiso ukuze lomsakazo ukwazi ukubhekana nezindlelo ngoba imali exhaswe ngayo angeke yakwazi ukukhokhela zonke izindlelo.

Ephetha uSolwazi, uMathebula uthe amagumbi okusakaza (Studios) axhaswe uhulumeni ukuze kusizakale umphakathi wathi kodwa nawo umphakathi kumele uvikele impahla yesiteshi,wanxusa nokuthi abaphathi besiteshi basebenze ngokubambisana kungabikho ukungezwani.

AbeMDDA baphethe usuku ngokubamba izingxoxo ezimayelana nokubaluleka kokwamukela ukwehlukahlukana emkhakheni wabezindaba ikakhulukazi ukubhekela amalungelo abantu ngokwehlukana kobulili kanye nempilo yemiphakathi ephila ngaphansi kwenkambo ye LGBTQIA+.