Injabulo abafundi abakhubazekile base-UKZN benikelelwa  ngemoto

Esithombeni:kusuka kwesokunxele uMnu Mxolisi Radebe (DSU), Azraa Ebrahim, Ms Asiphe Khumbula, Siphosethu Ndlovu,Margie Naidoo (DSU) noNkk. Bukiwe Biyela (UKZN Foundation).Photographer: Sethu Dlamini

Injabulo ibibhalwe emehlweni ngesikhathi  abafundi abakhubazekile abangaphansi kwe

Essential Skills Training bemukela isipho semoto ezobasiza ukuthi bakwazi ukufinyelela kalula ezingxenyeni zenyuvesi yaseUKZN njengoba bekhubazeke ngezindlela ezahlukene okubalwa kuzo, abangaboni nhlobo ababona lufifi emehlweni,abangezwa kahle kanye nabangakwazi ukuzihambela.

Ngokwesitatimende esithunyelwe abezindaba sithi lomnikelo wemoto uza ngemuva kokuthi kwantshontshwa imoto eyayikhona ngaphambili lokhu okwadala ukuthi kube nzima ukuthi izitshudeni zikwazi ukufinyelela emagumbini ehlukene enyuvesi, okuze kwadingeka ukuthi kufakwe isicelo sosizo lwemoto entsha kwi UKZN Foundation.

IUKZN Foundation ikwazile ukusiza ngokuthenga uhlobo lwemoto i Mitsubushi Xpander, okuyiyo ezosetshenziswa abophiko lwe Independence Trainers okuyibo abasiza izitshudeni ezikhubazekile.

Uphiko lwe Independence Trainers lwenza umsebenzi wokuqeqesha abafundi base-UKZN. abakhubazekile ukuthi bakwazi ukuzenzela izinto ngokwabo ngaphandle kokuthembela kwabanye abantu,lokhu okungaba, ukuzihambela ngaphakathi kwi Campus, ukuwasha ngomshini, ukuzenzela imisebenzi yabo yasemagumbini abahlala kuwo efana nokuziphekela, ukuzenzela abazokudla, ukusebenzisa imali ngendlela, ukuzithengela izinto abazidingayo, kanye nokusebenzisa imithi yokwelashwa ngendlela.

UMnu Amith Ramballie onguMphathi ophikweni lwe UKZN Disability Support Unit, ubonge kakhulu abe-UKZN Foundation ngokubatholela  abaxhasi abakwazile ukukhokha imali yokuthenga  imoto entsha wathi lokhu kuzokwenza omkhulu umehluko kwizitshudeni, ngoba nazo sezizokwazi ukuhlanganyela nezinye izitshudeni kalula.

UNksz. Celiwe Gumede owenza iziqu ze

Bachelor of Science, ubonge kakhulu abaxhazi wathi umnikelo wemoto uzokwenza omkhulu umehluko kubona bengabafundi.

Ngokunjalo noNksz  Mandisa Ntshangase naye okhubazekile uhambe emazwini kazakwabo uCeliwe ebonga umnikelo.

Kucelwa umphakathi ongaba nothando namandla ukuthi unikele ophikweni lwe  Disability Support Programme ngemali engango R50 via https://ukzn.devman.co.za/devman/online/genomics/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *