Idolobha laseThekwini lisingathe ngempumelelo ingqungquthela ye BRICKS Trande and Investment ebibanjelwe eICC ngomhlaka 17 Agasti, lapho bekuhlangene amazwe angamalunga eBRICKS okuyi Brazil, Russia, India kanye neChina, ngenhloso yokuzobhunga ngamathuba otshalomali kulelidolobha .
Ubuholi obuphezulu KwaZulu-Natali kanye nobeTheku buhlangene nezithunywa ebezihambele ingqungquthela bubonisana ngezinhlelo kanye nemisebenzi ekhona ukuqinisekisa abatshali zimali ngamathuba avulekile okuhwebelana akhona eThekwini kanye nasesifundazweni saKwaZulu-Natali, baphinde baqinsekisa nokuthi benza konke okusemandleni ukwendlalela ukuthi amabhizinisi akwazi ukuhweba kahle.
Khona manjalo izihambeli zengqungquthela kanye nosomabhizinisi baphinde bathola nethuba lokuhambela izizinda ezahlukene zesifundazwe saKwaZulu-Natali kanye nezasedolobheni leTheku, ngenhloso yokuthi babheme bakholwe ngamathuba akhona kuleli.
Lezizinda zibaluleke kakhulu ekuheheni abatshali zimali lapha esifundazweni ziphinde zibeke iKwaZulu-Natali ebalazweni laseAfrika nasemhlabeni wonkana.