Kubalulekile ukubandakanywa kwabesifazane kwezePolitiki, Nasi isizathu

Abesifazane baseNingizimu Afrika babhekene nengcindezi yokucwaswa, ukungalingani, ezingxenyeni  ezahlukene zempilo okuhlanganisa nepolitiki. Abamelelekile ngokulinganayo ngokwezikhundla zobuholi  emaqenjii ezepolitiki amakhulu kuleli,  uma kuqhathaniswa nabesilisa, lokhu sekuze kwaholela ekutheni kube nokungalingani ngezobulili emikhakheni eminingi ehlukene kulelizwe.

Kunenkolelo yokuthi abantu besifazane abanabo ubuhlakani bokuba abaholi ngenxa yokuthi babuthaka uma kuza ngasekuthatheni zinqumo, ngakho izinqumo zabo azethembekile.

Abantu besifazane bayadingeka kwipolitiki, Nasi isizathu

Ukubandakanywa kwabesifazane kwezepolitiki kubalulekile lapha eNingizimu Afrika, ngoba ukukhuthazwa kwabo ukuthi bangene kwipolitiki ngeke nje kusize abanye besifazane kodwa kuyokwenza kube nentando yeningi ebandakanya zonke izinhlaka zemiphakathi nokubuswa  okungcono.

Isibonelo sokumeleleka:

 INingizimu Afrika inesizwe esixubile ngokwezinhlanga ezikhona, ngokobuzwe, amasiko, isimo senhlalo. Abesifazane bamele cishe uhhafu wesibalo sabantu bakuleli, ukuba kwabo kwipolitiki kuqinisekisa ukuthi uhulumeni  uyababhekelela bonke abantu abaholayo..

Imibono ehlukile:Abantu besifazane bavame ukuqhamuka nemibonoehlukile uma kuhlangenwe. Ngakho ukuba nabesifazane abaningi kwipolitiki kuqinisekisa  ukuthi imithetho nemigomo ebekiwe ikwazi ukubhekela izidingo zabobonke abantu hhayi nje, uhlangothi oluthile.

Ezenhlalo kanye nokuthuthukiswa komnotho:

Ukubandakanywa kwabesifazane kwezepolitiki kweyamaniswa nemiphumela emihle yenhlalo kanye nokuthuthukiswa komnotho.Ucwaningo luveza ukuthi amazwe anesibalo esiphezulu sabesifazane kwipolitiki avame ukuthi abe nohlelo olungcono lwezemfundo,ezokwelashwa , kanye nezindingo zenhlalo yabantu.

Abesifazane abanikezwe amandla bayisibonelo esihle:

Abesifazane abanikezwe amandla futhi behola izikhundla kwipolitiki, bayokwazi ukuba isibonelo kwabanye besifazane kanye nasemantombazaneni.

Umthetho kanye nenqubomgomo:

Abesifazane abakwipolitiki bavame ukuthi babeke phambili umthetho kanye nenqubomgomo eqhakambisa amalungelo abantu besifazane, okuhlanganisa izinto zokuvimbela udlame oluyamaniswe nobulili, ukwenza ngcono ezempilo yabesifazane, kanye nokweseka abesifazane emsebenzini.

Ukuqeda imikhuba yokucindezela abantu besifazane:INingizimu Afrika njengawo wonke amanye amazwe nakuyo, inayo imikhuba yokucindezela abantu besifazane ebavimbela ukuthi bangakwazi ukuzibandakanya nemisebenzi ethile empilweni.

Imigomo yokuthuthuka okungashabalali (Sustainable Development Goals):

Imigomo yokuthuthuka okungashabalali kwe United Nations kugcizelela ukubaluleka kokulingana ngokobulili kanye nokunikeza abesifazane amandla.

Imigoqo evimbela ukubandakanywa kwabesifazane kwezepolitiki eNingizimu Afrika:

Nakuba kuliwa nokungalingani ngokobulili eNingizimu Afrika, kodwa iseminingi imogoqo evimbela ukuthi abesifazane babambe iqhaza kwipolitiki.

Eminye yalemigoqo ihlanganisa lokhu:

Imikhuba yasekuhlaleni kanye neyamasiko:Izinkolelo zomdabu, namasiko kanye nemikhuba yasekuhlaleni inomthelela ekugqugquzeleni ukucwasa ngokobulili iphinde yenze abesifazane bazizwe bengamukelekile ekutheni bathathe izikhundla zobuholi.

Ukunganikwa amathuba kanye nokucwaswa: Abesifazane bavame ukuhlangabezana nokucwaswa kanye nokunganikwa amathuba kwezepolitiki, okuholela ekutheni bangatholi ukwesekwa.

Ukungakwazi ukuthola izinsiza: Abesifazane baseNingizimu Afrika kuyenzeka ukuthi bangakwazi ukuthola izimali ezanele kanye nokuxhumana kwezepolitiki. Ukukhankasa kanye nokuzibandakanya nemisebenzi yepolitiki kudla izimali ezinkulu okwenza kube nzima ukuthi  bathole izimali zokubaxhasa.

Udlame nokwesatshiswa: Abesifazane kuyenzeka ukuthi babe izisulu zokwesatshiswa, ukuhlukunyezwa kanye nodlame okungenza ukuthi kubanqinde amandla okufisa ukuthi bazibandakanye nezokubusa.

Amaqembu anabesilisa abaningi: Amaqembu ezepolitiki eNingizimu Afrika njengasemazweni amaningi avame ukuthi kube abesilisa abaningi kuwo. Lokhu kungenza ukuthi kunciphe amathuba okuthi abesifazane bakhuphukele ezikhundleni zokuhola ngaphakathi emaqenjini.

Ukungabikho kwenqubomgomo ecabangela abesifazane: Yenza ukuthi kube khona ukungeneliseki ngaphakathi emaqenjini epolitiki kanye nangaphakathi ezikhungweni zikahulumeni, kuphethe ngokuthi kunqinde abesifazane ithuba lokubamba iqhaza ekuthathweni kwezinqumo.

Ukungameleleki ezikhundleni zokuthatha izinqumo: Abesifazane bavame ukuthi bangameleleki ezikhundleni zokuthatha izinqumo ezindaweni ezibalulekile njengasephalamende kanye nakuhulumeni wasekhaya.

Umsebenzi onzima: Abesifazane bona bangabhekana nezingqinamba zokuthi kumele benze umsebenzi wezepolitiki baphinde babhekane nomsebenzi wokuba abanakekeli bamakhaya lokhu okudala bangabi naso kahle isikhathi.

Ukungabikho kwabaqeqeshi abenele: Ukungabikho kahle kwabesifazane abangabukela kubo kanye nabaqeqeshi kungenza kube nzima ukuthi abesifazane abanothando lokungena kwezobuholi  bakwazi ukuchusha  kulomkhakha.

Uhlelo lwezokhetho: ezinye izinhlelo zokhetho kungenzeka zingakwazi ukukhuthaza abantu, ukumeleleka kwabesifazane, lapho kunelunga elilodwa endaweni umuntu wesifazane  kungamenza aphelelwe uthando.

 Ukubandakanywa kwabesifazane kwipolitiki lapha eNingizimu Afrika kubalulekile ukuze bonke abantu bameleleke emphakathini. Ngoba kukhuphula izinga lokubuswa ngokwentando yeningi.Ukususa imigoqo kanye nokukhuthaza abesifazane ukuthi bazibandakanye nezobuholi kwipolitiki. INingizimu Afrika ingakwazi ukubhekana nokulungisa izingqinamba ezikhungethe abantu bakuleli.

Ukubhekana nalemigoqo kudingeka isisombululo ukubambisana kwezinhlaka ezahlukene, okubalwa uhulumeni, amaqembu ezepolitiki, izinhlangano zomphakathi kanye nomphakathi wonkana.Ukusebenza kwenqubomgomo engacwasi ngokobulili, ukuqeqesha, izinhlelo zokweluleka, kanye nokukhuthaza ubuholi kubantu besifazane, konke kungakwazi ukugudluza imigoqo kuphinde kuqinise ukuthi abantu besifazane nabo babambe iqhaza kwezepolitiki yase Ninigizimu Afrika.

UDktl. Adebimpe Ofusori unguMcwaningi. uDktl. Paul Kariuki unguMphathi Jikelele weDemocracy Development Program (DDP). Babhala ngokuzimela