I-ANCYL KwaZulu-Natal ayihambisani nohlelo lokutakula  i-Eskom

NKOSIE NTOMBELA

Iqembu lentsha ye-African National Congress Youth League (ANCYL) KwaZulu-Natal isigxeka kakhulu isenzo sikaPravin Gordhan sokufuna ukuthengiswa kwezinkampani ezizimele, okubonakala esinyathelweni sakhe sokuhlenga u-Eskom kanye nokubandakanyeka kwakhe esikhathini esedlule ekusungulweni kweSouth African Airways (SAA). 

Ngokwesitatimende esikhishwe I ANCYL ngezi 16 Agasti 2023 sithi “Ukuzibandakanya kukaNgqogqoshe uGordhan ekuhwebeni kwe-SAA kanye nezinyathelo zakhe zakamuva zokuthi u-Eskom uzimele njengemboni ngaphansi kwesizathu sokuwuhlukanisa ngeke kushaywe indiva. 

Le ndlela yokuziphatha iphakamisa imibuzo ngokuzibophezela kwakhe enhlalakahleni yabantu kanye nokuhambisana kwakhe nezintshisakalo zezinhlangano ezizimele”.

“Sinxusa abaholi be ANC ukuthi babhekisise kahle ubungozi balezizinqumo. UPravin kumele akhunjuzwe ukuthi umkhakha wezamandla ubalulekile ukubhekela inqubekela phambili yabantu bakuleli, ngakho kumele zivikelwe kulaba baholi abathatha izinqumo ezizosiza ukuzicebisa bona.Futhi sinxusa ukuthi uANC abeke phambili ukuvikela izinto ezingamagugu eNingizimu Afrika angavumi ukuthi zibe sengcupheni yokusetshenziselwa ukuthi zicebise abathile”.kusho isitatimende.

Ukuletha isixazululo enkingeni ekhungethe ukucishwa kukagesi isitatimende siqhuba sithi, engqungqutheleni yamashumi amabili nesithupha kaKhongolose (26th National Congress) kwaba nombono wokuthi, wonke ama power stations kumele asebenzise wonke amandla anawo kube nesikhwama esizobhekela ukuthi sisebenza ngokufanele ngaphandle kokuthathwa isinqumo sokuthi uEskom athengiselwe izinkampani ezizimele, lokhu okuyokwenza kuqhubezele phambili izinga lokungalingani kubantu bakuleli.

Ngokwesitatimende sithi, i-ANCYL-KZN izibophezele kwimigomo ezoletha ubulungiswa kwezomnotho kanye noukulingana emazingeni empilo. “Sinxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babumbane balwisane nenqubomgomo ebukela phansi inqubekela phambili yabantu”. Kuphetha isitatimende.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *