Inhlangano One-eyed Jack, ebhekene neze-PR, i-ibhizinisi yokumaketha nemicimbi, izuze ibhizinisi lemicimbi yokushayela kwa-Audi.
Kulandela i-pitch yezindlela ezine, i- One-Eyed Jack iqokwe njenge-ejenti(Agent) yokuphatha imicimbi yesipiliyoni sokushayela i-Audi. Ngemva kweminyaka engaphezu kwengu-10 yekhefu, i-Audi isiphinde yethula lolu hlelo olushukumisayo nolujabulisayo lwamakhono okushayela athuthukile eNingizimu Afrika.
Njengoba isisebenze neVolkswagen iminyaka eminingi yethula uhla lwezimoto, ze-Audi ikwazile ukuwenza ngempumelelo umsebenzi wokumaketha lenkampani.
“Sijabulile ngokuba namandla okuqhuba ulwazi lwe-Audi oluguqukayo,” kusho u-Darren Sandras, uMqondisi we-One-eyed Jack. “Ithuba elihle kakhulu lokukhombisa amakhono ethu nothando lwethu lwemicimbi ye-premium ekhiqizwe amaklayenti aphambili njenge-Audi.”
Le micimbi egqugquzelwa yi-adrenaline yenzeka eGoli naseKapa kuze kube uNovember kulo nyaka. Thola okwengeziwe ku-https://experience.audi.co.za/
I-Ultra South Africa, yenza ifestival yomdanso oshukumisa igazi (premier electronic dance music festival) iqoke i-One-Eyed Jack ukuthi ihole ubudlelwano be-PR kanye nabezindaba ohlelweni olulindelwe ngabomvu lwango-2024. Ngemuva kwempumelelo ye-Ultra South Africa 2023, eyephule amarekhodi okuba khona, le festiveli izobuya ngoMashi 2024 emcimbi emkhulu emibili ezokwenzeka eKapa naseGoli.
“Sijabule ngokungeza i-Ultra South Africa ohlwini lwethu, njengoba umcimbi nefestivali i-PR ingamandla ethu abalulekile,” kwengeza uDarren. “Ithimba lethu lochwepheshe bezokuxhumana selivele lizitholele izindaba.”
I-Ultra South Africa 2024 izoba ngoLwesihlanu zi-1 kuMarch eKapa eHollywoodbets Kenilworth Racecourse, nangoMgqibelo zi-2 kuMarch eGoli e-Expo Centre eNasrec. Amathikithi aseyathengiswa ku-https://ultrasouthafrica.com/Tickets.
I-One Eyed Jack PR inomlando omuhle kakhulu ngenxa yolwazi lwayo olunzulu okuyikho okwenze yakwazi ukuheha amakhasimende (clients) asezingeni eliphezulu. Ikhono labo lokukwazi ukuhlanganisa injabulo nobuciko ikona okwenze lenkampani yaba evelele kwezokumaketha, ukwenza imicimbi kanye nokupromotha.