Iqembu likaMaskandi lmagazi Ingane Zomlando libonge usomabhizinisi uMashobane Khumalo, onguSihlalo we Thubelihle foundation NPC, ngokubeseka emcimbini wabo. Lokhu kuza emuva kokuthi,iqembu Imagazi lihlele indumezulu yomcimbi obuhlanganisa namaqembu engoma
yebheshu neHip hop, nobubanjelwe endaweni yakwaQoloqolo,eMtwalume ngempelasonto edlule.
Iqembu Imagazi belikhiphe bonke abalandeli balo ngenhloso yokugqugquzela abathandi bomculo ukuthi bathenge amathikithi okungena emcimbini we Ugu Festival. Exoxisana nentatheli yeKZN Namuhla uMagazi uthe
“Ngiphakamisa ukubonga ku Khansela wendawo uMnu. P A Duma wakwaQoloqolo, kanye noMnu. Mashobane usihlalo we Thubelihle foundation NPC okuyibo abenze umcimbi waba yimpumelelo.
“Ngibonga wonke amaqembu omculo ebesinawo abenegalelo kulomcimbi okuhlanganisa neBhunu Leplazi ngeqhaza lakhe lokweseka umcimbi. Ngithembisa abalandeli ukubuya ngizobonga uma bephumelele ukuthenga amathikithi baphinde bangivotele, baphume ngobuningi babo ngomhlaka 30 Septhemba”.Kusho umsunguli weqembu Imagazi.
UNdunankulu wesizwe sakwa Qoloqolo ubonge kakhulu iqembu Imagazi ngokuletha injabulo esizweni sakhe okuhlanganisa abesifazane kanye nentsha. Wabe esenxusa ukuthi kube yinto eqhubekayo ukuze intsha kubekhona izinto ezobabhizi ngazo,ngoba izinto zamaciko zibaluleke kakhulu ukuzikhumbuza imvelaphi yethu thina maZulu .