Ukuguqulwa kobulili eNingizimu Afrika kuyisibonelo emhlabeni, kodwa kumele kwenziwe okuningi

GLOBAL GENDER GAP REPORT:2023

Izwe lase laseNingizimu Afrika lihlonze  inyanga kaAgasti  ukuhlonipha abesifazane ababa nesibindi sokumelana  nemithetho yamapasi enesihluku ngeminya yawo-1956.

Kulenyanga yokuhlonipha abantu besifazane kuphinde kubekwe phambili ukubaluleka kokulingana ngokobulili ngaphandle kokucwasa kanye nemizabalazo eqhubekayo abesifazane baseNingizimu Afrika banamuhla ababhekene nayo.

Naphezu kwezinyathelo ezinkulu ekufezeni ukulingana, izindaba ezifana nodlame olusekelwe ebulilini (GBV), ukungalingani kwezomnotho, ukungabi nabulungisa kwezempilo, kanye nezinselelo zenhlalo nezombusazwe  nakho kudala izingqinamba.

Kodwa-ke, iNingizimu Afrika ivela njengesibani sethemba ekufezeni ukulingana ngokobulili; ngokusho kombiko wakamuva we-Global Gender Gap Report okhishwe yi-World Economic Forum (WEF) ka-2023. INingizimu Afrika ibhalise ukuthuthuka okukhulu kakhulu ngo-2023 5%, kusukeka ku 2022. Kodwa naphezu kwempumelelo ephawulekayo yezwe uma kuqhathaniswa nozakwabo bomhlaba wonke, kuyacaca futhi ukuthi umsebenzi omningi kusafanele wenziwe.

UDokotela Linda Meyer, oyinjulalwazi kwezokuhola kanye nomunye uchwepheshe oyi-MD ye-The Independent Institute of Education’s Rosebank College uthi ukubhekana nezimiso zomphakathi ezihlala njalo, ukuthuthukisa ukufinyelela kanye nekhwalithi yokunakekelwa kwezempilo kubo bonke abesifazane, nokugqugquzela ukumelwa kwabesifazane emikhakheni ekhulayo yomnotho kuphakathi kwezindawo ezisemqoka ezisadinga ukugxila okwengeziwe nokuthuthukiswa eNingizimu Afrika.

“Ukuhlolwa okwenziwe kulo mbiko kugxile ekuhlaziyeni ukungalingani kobulili phakathi kwabesifazane nabesilisa kuyo yonke imiphumela yezomnotho, yemfundo, yezempilo, nezombusazwe, esekelwe kwimininingwane ekhona,” kuchaza uDkt Meyer.

“Uhulumeni waseNingizimu Afrika wenze imigomo eqinile yokwandisa iqhaza labesifazane kubasebenzi nokuvala igebe lemiholo yobulili. Ngenxa yalokho, isizwe sibone ukwenyuka kwesibalo sabesifazane abafaka isandla emsebenzini kanye nokwehla okuphawulekayo kwegebe lemiholo yobulili.”

Mayelana nokunikezwa amandla kwezombusazwe, iNingizimu Afrika ikhule njalo ngenani labesifazane abathatha ubuholi kanye nezindima zokuthatha izinqumo. Lokhu kukhuphuka kokumelwa kwabesifazane kwezombusazwe kuyisinyathelo esihamba ngendlela efanele, okubonisa ukuthi abesifazane abagcini nje ngokuthola izinyathelo zokunikezwa amandla, kodwa banegalelo elibonakalayo  ekubumbeni inqubomgomo nokwenza izinqumo ezibucayi ezingeni eliphezulu, kusho uDkt Meyer. INingizimu Afrika ibekwe endaweni ka-13 emzweni abalelwa ku-146 yazuza unombolo 146 kuleso sigaba sokukleliswa.

MAYELANA NODKT LINDA MEYER

UDkt Linda Meyer unguMqondisi oPhethe we-Independent Institute of Education’s Rosebank College futhi ubambe izindima eziningana ze-Executive emikhakheni kahulumeni kanye neyangasese. UDkt Meyer uyilungu elikhonzayo leBhodi le-SAQA futhi owayenguKhomishana we-CCMA. Uphethe iziqu eziningana, kufaka phakathi i-Doctor of Philosophy (RSA), i-Doctor of Business Administration (USA), i-Master of Business Administration (UK), i-Post Graduate Diploma in Management Studies (UK), i-Bachelor of Business Administration, i-B. Com (Umthetho) namanye amaDiploma amaningana nezitifiketi eziphakeme nezitifiketi zochwepheshe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *