1. Amasu Angasebenzela Abafundi Kanye Nabazali
KuNcwaba 2023
1.1 Isingeniso
Ukukhathazeka kubukeba kuqonga emakhaya ezwenikazi lonke laseNingizimu Afrika njengoba seliya ngomutsha wendoda kubafundi abazilungiselela ukubhalela ukuhlowa kokuphela konyaka ebangeni le shumi, lesikhathi sokuhlolwa kwabafundi kuletha enkulu ingcindezi kubafundi nabazali njengoba kuwukuhlola okwehluke kakhulu kunalokhu okujwayele ukwenziwa zonke izigaba zonyaka. Abzali kulindeleke bebambe iqhaza ekwesekeni abafundi ngezindlela zonke. Abafundi nabo bafundiswa ngezindlela ezilula ezizobasiza ekuphaseni kalula izifundo zabo.
Ngakho-ke kugcizelelwa ukuthula,uzinzo nokunakelelana emakhaya nokubambisana ezwenikazi lase-Ningizimu Afrika okubonakala Ibhekene nezikhathi ezinzima kulesi sikhathi samanje.
Abazali basebenza kanzima bebhukule ukwenza isiqiniseko sokuthi abantwana bathola ukunakekelwa nokusimama ngendlela esezingeni. UDokotela Linda Meyer oqhamuka kwi Independent Institute of Education’s Rosebank College uthi i-paranoma enzima kakhulu len,ube eseveza lesikhathi njengesinezinqginamba kakhulu yingakho kumele sibumbane sibe munye.
Umthwalo othwelwe abazali babantwana abenza ibanga le shumi uyasinda yingakho nje labazali kumele beshayelwe ihlombe bekhuthazwe. Kube sekucelwa ukuthi kubizwe imbizo ezocacisa ngebanga nendima okumele beyidlale abazali ekulekeleleni abantwana babo ukuze bedle umhlanganiso ezifundweni zabo.
1.1.1 Ukuzinakelela
Abazali abahlale besesimweni esihle sempilo nesimo somqondo. Lesi senzo siyokwenza bekwazi ukuhlala beqaphile futhi beseduze nabantwana babo bebalekele lapho behlangabezana nezinqginamba nengcindezi kulesikhathi sokuhlolwa.
1.1.2 Ukwamukela ukwabelana ngemibono:
Umfundi webanga leshumi akasizwe aziswe ngezindlela ezithile zokuthuthukisa ukufunda kwakhe. Umfundi akafundiswe ngezindlela eziningi zokuqoqa ulwazi ukuze akwazi ukuzilungiselela ngendlela efanele.
UDokotela Meyer uthi emasontweni ambalwa ezayo, abazali kufuneka bamukele lezikhathi eziza nomehluko kubantwana babo.
1.2 ZIMBILI IZINDLELA OKUQGUQGUZELWA UKUBA ZISETSHENZISWE UKUSIZA ABAFUNDI YILEZI
1.2.1
UKUSEBENZA KANZIMA NGALESIKHATHI KANYE NOKUMEMEZA LAPHA BEDINGA USIZO.
UKUQUQUZELELA OKUSEBENZAYO.
1.2.1.1 Ukusebenza Komklamo Wohlelo Oluphelele
Akuklanywe indima ehlelekile ukuthi abafundi bazolekelelwa kanjani. Ukubasiza bebambe isikhathi ngendlela nokunciphisa amaphutha amaningi abangagcina bewenza ekugcineni.
1.2.1.2 Indawo Evikelekile Nephephile
Akuqikelelwe ukuthi abafundi basendaweni ezobenza bezizwe bekhululekile ukubamba iqhaza ekufundeni kwabo. Abafundi abaziqhelelanise nezimo ezingaletha ingcindezi engenasidingo emzimbeni yabo nasempilweni jikele kuleso sikhathi sokuhlowa kwabo.
1.2.1.3 Izindlela zokufunda ezihlelekile nezishaya emhlolweni
Ukuhlola njalonjalo, abafundiswe ukugcina ulwazi bengafundeli nje ukuchitha icala.
Ukusetshenziswa kohlaka oluqukethe ulwazi oluzokwenza abafundi babelane ngemibono futhi bethi befunda bebe bebukela ulwazi oluhleliwe.
Ukwabelana ngemibono nangezincazelo kungenza abafundi behlabane ngolwazi nokuqonda kangcono okufanele bekufunde.
1.2.1.4 Amaphepha okuhlola kwaphambilini
Akugqugquzelwe abafundi bezijwayeze ukusebenzisa amaphepha aphambilini lokho okudala ukuthi bebone izindlela nemibuzo kanye nesakhiwo semibuzo ethakwa ngayo.
Ukusebenzisa lama phepha aphambilini kulekelela umfundi ukuba akwazi angase abhekane nakho lapha esebhala
1.2.1.5 Akugwenywe okungaphazamisa umfundi
Umfundi akaziqhelanise nezinkundla zokuxhumana ngoba singambambezela emzamweni yakhe yamalungiselelo.
Akazisimatanise namathuluzi angamzisa ukunqanda lolu hlobo lokuphazamiseka.
1.2.1.6 Ukusebenza ngamaqembu
Ukusebenzisana nabanye ontanga babelane ngemibono yikhona okuvamise ukulekelela umtwana aphase ngamalengiso angabi yinkomo edla yodwa.
1.2.1.7 Usuku lwamanqamu
Umfundi akaqikelele ukuthi zonke izidingo namathuluzi adingekayo aphelele okubalwa umazisi, umshini wokubala njall.
Umfundi akasheshe afike aziphe ithuba elanele ngaphambi kokuqala ukubhala.
Ngaphambi kokuba kuqalwe kubhalwe umfundi akathathe ithuba azothe angatatazeli.
1.2.1.8 Ukuthola Usizo Makunesidingo
Uma kunesihloko esinika umfundi inkinga akabuze kuthisha noma kuntanga okanye acele usizo olwengeziwe ngaleso sihloko angasizwa kahle.
Abafundi abalulekwe betholelwe usizo lwenqgondo uma bezithola benengcindezi ngoba impilo iyona ebaluleke kakhulu.
1.2.1.9 Hlala Uqaphile
Kubalulekile ukuhlala uqaphile ngoshintsho olungase lube khona mayelana nokuhlowa. Kungaba ukushintsha kwezinsuku, indawo yokuhlolwa noma-ke ezokuphepha kwabafundi,
1.2.1.10 Impilo Emuva Kokufunda
Khumbula, noma ukuhlowa kubaluleke kakhulu kodwa akuchazi ngempilo yakho ngobubanzi bayo ziningi izindlela ezingakuyisa kwampumelelo.
Ukulungiselela ukubhala kokuhlolwa kukamatikuletsheni kwenziwa ngokuzikela nokuphikelela kulandelwa indlela ehlelekile yokwaluka ulwazi emqondweni womfundi. Abafundi bengaphumelela ekuhlolweni kwabo inqubo nje uma bezethemba ngokusebenza kwabo beqonde ukuhlolwa ngohlelo oluhlelekile nolunenjongo, Kubeka uDokotela Meyer.
Kunxenxwa abazali ukuba bebemnene ebantwaneni babo ngalesikhathi sokuhlolwa. Abazali abasebancane abakhombise izenzo ezimnene kubantwana konke abakwenzayo akube yinto ezoletha ukuzethemba kubantwana futhi bewe bevuka nabo ngasosonke isikhathi. Ngaphezu kwalokho yize zikhona izinqginamba zokufunda nokufundisa akungabikho ukubhekana ngeziqu zamehlo kodwa akubongwe uhambo oluhanjiwe kwazeke ukuba emva kwalokhu kuhlolwa impilo iyaqhubeka noma ngabe imiphumela iyavuma noma ngabe iyasiphikisa kodwa impilo ayiqhubeke.
1.3 Umlando kaDOKOTELA Linda Meyer
Udokotela Linda Meyer ulawula isikhungo se-Independent Institute of Education’s Rosebank College. Ubuye abambe iqhaza kwezinye izikhungo zikaHulumeni lapho ayilungu lesigungu esiphezulu khona. UDokotela Meyer uyilungi lakwaSAQA noseke waba yisekela likakhomishana kwaCCMA. Usebambe iqhaza ezinhlanganweni eziningi lokhu okumenza abe yinjululwazi kwezokuphatha nokuphathwa kwezikhungo ezahlukene. Wabuye waya ezweni laseMelika lapha athole khona ukuqeqeshwa ezifundweni zeqhuzu leMaster of business Administration,BCom. Wabuye wahlabana ngamaDipoma nezitifiketi ezinhlonhlobo ezimenza abe umuntu okhaliphile impela.