ISimangaliso sidale amathuba omsebenzi angamakhulu amathathu (300)kubantu abakhelene nePaki. Lokhu kuza ngemuva kokuthi umnyango weZamahlathi, Ukudoba kanye neMvelo ugunyaze iSimangaliso Wetland Park Authority ukuthi sinikezele ngale phrojekthi ye-Cleaning and Greening komasipala abathathu baKwaZulu-Natali. UMnyango wakwa-DFFE wabona kudingakala ukuthi kwenziwe imizamo eminingi uma kufunwa ukuvikelwa imvelo ekungcolisekeni kwase kwenziwa loluhlelo olubizwa ngokuthi yi-Municipal Cleaning and Greening.
ISimangaliso yisona esihola ukwenziwa kwale phrojekthi kumasipala wakwaMhlabuyalingana kanye neBig 5 Hlabisa (le phrojekthi yenziwa eHluhluwe naseMtubatuba) , kuqashwe abantu abayikhulu kumasipala ngamunye. iSimangaliso sahlanganyela nomasipala, Amakhosi kanye nabaholi bemiphakathi ukulekelelwa ukuthi kuqokwe imindeni ehlwempu ukuba kuqale ngokuthi kuqashwe amalungu ayo kuqala. Umphathi omkhulu weSimangaliso Wetland Park uMnu. Sibusiso Bukhosini wancoma ukubambisana kanye
nokusebenzisana abakutholayo kulabo ababambe iqhazakule phrojekthi okwenza ukuthi ibe impumelelo kakhulu.
Inhloso yalolu hlelo ukulwisana nesimo lapho imvelo icekeleka phansi kanye nokuqinisekisa ukuthi izwe lethu alibhekani nezimo eziyingozi kwimvelo kanye nokuthi abantu bahlala endaweni enemvelo evikelekile ehlomulisa isizukulwana samanje nesizayo. Lokhu kwenziwa ngaphansi kohlelo lapho abantu besifazane, intsha kanye nabantu abaphila ngokukhubazeka kuyibona bokuqala abaqashwayo. Lolu hlelo lumayelana nokugcina izindawo zihlanzekile, kube kuqinisekiswa ukuthi abantu bayazuza okuthile ngalolu hlelo. Abahlomula kuloluhlelo basiza ngokuthi bahlanze amadolobha, imigwaqo, iPaki,izinkundla zemidlalo njalonjalo. Loluhlelo luphinde luhlose ukuqinisa ukuthuthukiswa kwemiphakathi.
Amalungu omnyango wakwa-DFFE, asanda kuvakashela iSimangaliso ukulandelela ukuthi ngabe le phrojekthi isiqalisiwe yini ezindaweni zomasipala. Umsebenzi weSimangaliso ukuvikela, ukugcina kanye nokwethula ubugugu boMhlaba esizukulwaneni samanje kanye nesizukulwane esilandelayo kube kuzuza imiphakathi ehlala ePaki kanye naleyo eyakhelene nePaki.
–