UWelcome Sbahle Mthiya (38)odume ngelika Sbahle Mthiya, ungumculi weGqom, Soul & Amapiano, aphinde abe umsunguli weSbamthiya Production(Pty)LTD,ungowokuzalwa
eNdwedwe kodwa manje utholakala Kwa-Mashu.
UWelcome,ungene endimeni yezomculo ngonyaka ka 1996, ngesikhathi eyingxenye yekwaya ecula iGosple music. Uthi ilapho ke aqala khona ukuthola amathuba okuyocula emasontweni,waze wathola nodumo emphakathini.
Ngonyaka ka 2007,wethula iAlbum ethi Muhle uJesu, ayenza eSABC, ngo 2017 wenza iHouse music,kuthe ekukhuleni kwakhe waqala waba yedwa waze wavula inkampani yakhe encane iSbamthiya production(Pty)Ltd, lapho eshicilela khona umculo aphinde acathulise amaCiko asafufusa.
“Ngo 2014,ngiqale ngaqopha umculo wami ngadlala ezindaweni eziningi, eThekwini kanye naseGoli, ngaqopha izingoma noDJ Target kanye no Ndile, washiyelana inkundla noZakwe, Zahara, Lebo Sekgobela Destruction nabanye abaningi”.kusho yena
Kumanje usekhiphe ingoma entsha ebizwa Ama-Legend, kanti umatasa wenza ama interviews neziteshi zemisakazo.Izingoma zakhe ziyatholakala kwi EP kanye nakuma digital stores. Ufisa abantu bameseke bathenge izingoma zakhe online baphinde bamuqashe.
Uyatholakala ezinkundleni zokuxhumana emakhasini: Facebook page: Sbahle Mthiya Music, Instagram: Sbahle Mthiya, Tweeter: Welcome Sbahle,Linkin: Welcome Sbahle
Director Sbahle Mthiya
What’s app no: 0656668233, E-mail: sbamthiyaproduction@gmail.com