UZamani Ngcobo (17) odume ngelika, N2 RpsA, ungumculi we Trap ,Hip hop kanye neKasi Rap.uzalelwe e HARDING KWANYUSWA kodwa manje usehlala ePortshepstone.
UZamani uthi uqale indima yezomculo eneminyaka engu-14 ngezingoma zakhe ezithi, Under Arrest,
Lokishi, You wanna know. Kanti ezinye uthi zisaphekwa
estudio ubengakazidedeli.
“Ngiyi Artist elikwazi ukungena kuma party amaningi okunjenge hip hop ,kasi rap ,trap kanye ne R&B, ngoba Ngiyazithemba kakhulu”.
Uthi ubengafisa ukusizwa athole indawo lapho angakwazi ukuqopha khona mahhala amaculo, enze ama music video, aphinde athole noxhaso lwezingubo ukuze ezobukeka.
UZamani uthi ubengajabula nokuthola inkampani, angakwazi ukusebenza ngaphansi kwayo ukuze ikwazi ukumsiza aphushe umsebenzi wakhe, iphinde imfake nasezintweni ngoba akanalo ulwazi ngaphandle kwethalente.
Umculo wakhe ku WhatsApp njengoba engakabi sezingeni eliphezulu kanye Naku SoundCloud, uyatholakala. Kanti ofisa ukuxhumana naye: WhatsApp 0687839101 ku-SoundCloud :N2 RpsA ,, Facebook book Zamani Ngcobo.