Inhlangano yamakholwa Kwa Zulu Natal Abazobanenhloso Motivational Group izobamba inkomfa yesine kulonyaka. Lenhlangano yasungulwa ngo 2013 insizwa esencane yase Ladysmith eTsakane uZothani Malinga (30) ngenhloso yokwenza ubumbano kumakhokwa kakhulukazi Kwa Zulu Natal.
Ekhuluma neNtatheli ye KZN Namuhla uZothani uchaze kabanzi ngezinhlelo abaphezu kwazo njengoba inhlangano yabo isinamalunga ayizinkulungwane ezimbili.
“kulonyaka soqhubeka silule isandla kwabantulayo siphinde siqinise ekukhuliseni nasekwakheni imphefumulo yabantu njengoba Abazobanenhloso basungulelwa ukwakha umzimba kaKrestu baphinde babuyise ithemba, siyazi isimo asisihle ezweni lethu ububha nabo bukhona siphinde sibheke nendlela yokusiza amalungu ethu njengoba umsebenzi ungekho siyabasiza ababheka amatoho ekubalekeleleni siyinhlangano nabafisa ukusiza singathokoza beze bazoseseka kusho uZothani Malinga.
Okuhlalukile lenhlangano ayikhethi bandla inawowonke amahlelo okubalwa kuwo abasindisiwe ,amanazaretha kanye nezayoni okuyinhloso ukwenza ubumbano kuphinde kusizwe nabaholi ekufindiseni ukuphathwa kwamabandla.
Inkomfa yokuvala izoba ngezi 25 ngehora lesithupha ntambama kuyaku 26 November 2023 .Kuyobe kungenwa mahhala endaweni yase Ladysmith eTsakane Community Hall ngeminye imininingwane ungaxhumana nomhleli kwinombolo ethi
084 078 3348.