NKOSIE NTOMBELA
Abomnyango wezomtapo wolwazi ngaphansi koMkhandlu weTheku babungaze iThusong Week eMnini Primary School ngomhlaka 20 September 2023 evulwe ngumphathi weManzimtoti neMagabheni Library uNksz Busi Nyathikazi -Cele.
Ekhuluma ne KZN Namuhla umphathi woMnini Thusong Centre uMnu Ayanda Vezi unabe kabanzi ngokubaluleka komtapo wolwazi eMnini Thusong Centre “ukubaluleka kweThusong Week ilasiphuma khona sikhangise ngezinhlelo esinazo siphinde sifundise izindlela zokusebenza komtapo wolwazi emphakathini njengoba sikhethe uMnini Primary School sizotshala imfundo siphinde sakhe nesizwe esikhuthalele ukufunda siwuMnini Thusong Centre” kuphetha uMnu Ayanda Vezi.
Uhlelo obeluphethwe uNonhlanhla Mthembu osuka kuMlazi AA Library uchaze kabanzi nangezinsiza abanazo beyimtapo wolwazi esogwini neTheku.
Isikhulumi esiqavile sosuku uDkt N Mhlongo uchaze ngezingqinamba ezibhekene nezingane ezisencane kakhulukazi ekufundeni ngokuqonda nokuba nokufundiseka ekusebenziseni umtapo wolwazi.”Bafundi nina ninethuba elihle thina ngesethu isikhathi beyingekho imtapolwazi besifunda kodwa sasebenza kanzima ingako siwumnyango sifisa nifunde ngokuzimisela ” kusho uDkt Mhlongo womnyango wezemfundo kwisfundazwe saKwa Zulu Natal.
Okuhlalukile kulolusuku ukuthi abafundi baseMnini bebehaya inkondlo,izaga,bexoxa nezinganekwane Kanye nezisho besebenzisa ubuciko bomlomo njengoba kwinyanga yamagugu uSeptember.
uThishomkhulu uMnu Mngadi ubonge kakhulu abomtapo wolwazi,othisha bezikole ezingomakhelwane abebekhona ,abazali ngokubathemba baphinde balethe izingane eMnini Primary School Kanye nezinhlaka ebezixhase lolusuku lwaba impumelelo.
Inhlangano I Well of Hope ebiyingxenye yabaxhasi inikele ngezipho kubafundi yasithembisa ukuthi izobuya izonikela ngomfaniswano kubafundi abangamashumi amathathu asebehlonziwe isigungu esilawula isikole.
Lo mcimbi wokubungaza Thusong Week ubuthanyelwe nayingxenye yezikhulu zezinhlangano ezingenzi nzuzo uMs Mhlongo weMiet Africa Kanye no Mnu Papa Luthuli wePapas Hope Organisation nabo abathole ithuba basebezibophezela ekubuyeni bazonikela ngabanako kubafundi.