Liphinde lahlehla icala lokubulawa kogogo  basenkulisa yaseMgababa

ISITHOMBE : Amalungu omphahathi ezoseka umndeni wakwa Xulu nowakwa Mabuso eNkantolo iMbumbulu Regional Court.

NKOSIE NTOMBELA 

Icala elibekwe umsolwa uMnu. Thokozani Mhlongo osolwa ngokubulala ogogo basenkulisa iThembeni Crèche eMgababa obevele  ngoMsombuluko womhlaka 2 Septhemba  eNkantolo yeSfunda iMbumbulu.

Inkantolo ebigcwele phama amalungu omphakathi  ayizange iqalise ukuliqula njengoba kwakushiwo mhla kuhlehla lelicala ngenyanga edlule.Okuhlalukile ukuthi  inkantolo ifike seyimemezela usuku lokuqulwa lelicala umhlaka 30 October 2023.

Lomsolwa obekwe  icala lokubulala aphinde agqibe ogogo  Xulu Kanye noGgogo Mabuso kulindelwe ayilandise inkantolo ngokuthi kwenzekani ngezi 9 August okuwusuku abulala ngalo abanikazi benkulisa iThembeni Crèche.

UMenzi Xulu okhulumela umndeni uthe “kuyasikhathaza kakhulu lokhu kuhlehla kwecala ngoba siwumndeni siyafisa ukuzwa kwenzakani kuze kubulawa ogogo siphatheka kabi uma lilokkhu lihlehla futhi lelicala”.

Khonamanjalo ongamele ezokuphepha ku Ward 98 uMnu Mandla Mngadi ugcizelele ekuqinisweni kophenyo kuloludaba “siwubuholi obukhona lapha eMbumbulu sifisa kuqine uphenyo kulelicala lingaqulwa icala kukhona abasala ngaphandle ngoba sifisa ubulungiswa kuloludaba logogo lwenzeke ngoba kuwudaba esifisa luphothulwe kodwa kuqiniswe ophenyweni” kuphetha uMnu Mandla Mngadi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *