NKOSIE NTOMBELA
Icala elibekwe umsolwa uMnu. Thokozani Mhlongo osolwa ngokubulala ogogo basenkulisa iThembeni Crèche eMgababa obevele ngoMsombuluko womhlaka 2 Septhemba eNkantolo yeSfunda iMbumbulu.
Inkantolo ebigcwele phama amalungu omphakathi ayizange iqalise ukuliqula njengoba kwakushiwo mhla kuhlehla lelicala ngenyanga edlule.Okuhlalukile ukuthi inkantolo ifike seyimemezela usuku lokuqulwa lelicala umhlaka 30 October 2023.
Lomsolwa obekwe icala lokubulala aphinde agqibe ogogo Xulu Kanye noGgogo Mabuso kulindelwe ayilandise inkantolo ngokuthi kwenzekani ngezi 9 August okuwusuku abulala ngalo abanikazi benkulisa iThembeni Crèche.
UMenzi Xulu okhulumela umndeni uthe “kuyasikhathaza kakhulu lokhu kuhlehla kwecala ngoba siwumndeni siyafisa ukuzwa kwenzakani kuze kubulawa ogogo siphatheka kabi uma lilokkhu lihlehla futhi lelicala”.
Khonamanjalo ongamele ezokuphepha ku Ward 98 uMnu Mandla Mngadi ugcizelele ekuqinisweni kophenyo kuloludaba “siwubuholi obukhona lapha eMbumbulu sifisa kuqine uphenyo kulelicala lingaqulwa icala kukhona abasala ngaphandle ngoba sifisa ubulungiswa kuloludaba logogo lwenzeke ngoba kuwudaba esifisa luphothulwe kodwa kuqiniswe ophenyweni” kuphetha uMnu Mandla Mngadi.