Ngibonga bonke abangeseke ngesikhathi ngenza umcimbi we KZN Namuhla Artists Awards 2023

Okuvela kuMhleli- 6 October

Ngifisa ukwedlulisa amazwi okuzibongela kubobonke abangeseke ngesikhathi ngenza umcimbi wokubungaza iminyaka engu 25 ngasungula iphephandaba lomphakathi  iKZN Namuhla lapho bengihlanganise nomcimbi wokuhlonipha amaCiko asafufusa.

Ngibonga kakhulu ukuthi lomcimbi ube impumelelo nakuba bekunzima kodwa ngenxa yokwesekwa abantu abaningi abangikhombise uthando wakwazi ukuthi ufezeke. Engikubonga nakakhulu ukubona ukuthi iKZN Namuhla ayigcinanga nje ngokuheha amaCiko alapha eThekwini njengokucabanga kwami ngesikhathi ngiwusungula ngonyaka ophelile kodwa ubuye waheha amaCiko akwezinye izifunda zaKwaZulu-Natali waze kwakapakela nakwezinye izifundazwe okubalwa kuzona iEatern Cape kanye neGauteng imbala.

Ngiyabonga nakuzitatanyiswa ebengizimemile ezifike zethula izinkulumo ezikhuthazayo, kimina nakumaCiko lapha ngibala uMnu Linda Mbonambi obevela kuMasispala weTheku, uNksz. Pupuma, obethunywe uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho,uDj Soba obevela CCFISA, Indlovukazi uMapule, weSigodlo seziNdlovukazi, umculi kaMaskandi uVumile Mngoma,uMs Christina Maloka aka Mrs Africa International, ithimba lami leKZn Namuhla kanye nomndeni wami.

Angisoze ngalibala uthando nokwesekwa engikukhonjiswe ozakwethu emkhakheni wezindaba, okubalwa Okuhle News, Injobo News, Sivubela Intuthuko, TB News, kanye ne-Ink Media. Isandla sedlula ingalo.

Sengiphetha ngibonga kakhulu nokwesekwa engikuthole eBat Centre ngokungihlinzeka ngendawo yokusingatha umcimbi kanye neSound System ehambisana nonjiniyela wayo. Impela enikwenze kimi nikwenze nakwabanye.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *