Zibalelwa ngaphezu kwesigidi izinkukhu esezibulewe ilomkhuhlane, kanti isifundazwe sase Western Cape isona esihamba phambili silandelwe isifundazwe saKwaZulu-Natali. – SAnews.gov.za
Ngokwesitatimende esikhishelwe abezindaba ngoLwesine lomhlaka 28 Septhemba sithi sezikhona izinhlelo zokuvimba ukubhebhetheka kwe Bird Flu ngakho abalimi bayakhuthazwa ukuthi baqaphele yonke imiqathango ebekiwe ukuze kuvimbeke lomkhuhlane owaziwa nge influenza (HPAI) H5 and H7.
Izindawo ezihlaselwe ilomkhuhlane kubalwa Western Cape, KwaZulu-Natal, Gauteng, Limpopo, Mpumalanga kanye neNorth West. Kanti lesisimo sesidale ukushoda kwenyama yenkukhu kanye namaqanda ezitolo, okuphetha ngokuthi kukhuphuke nentengo .
UNgqongqoshe oseHhovisi likaMengameli wezwe, uKhumbudzo Ntshavheni,uthe uMnyango wezoLimo, kanye nezokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya ubambisene nabe South African Health Products Regulatory Authority uphezu kwemizamo yokuthola isixazululo somgomo osezingeni elifanele.Zibalelwa ngaphezu kwesigidi izinkukhu esezibulewe ilomkhuhlane, kanti isifundazwe sase Western Cape isona esihamba phambili silandelwe isifundazwe saKwaZulu-Natali. – SAnews.gov.za