NKOSIE NTOMBELA
Inkonzo ebihlanganise iZion ebezisuka kuzifunda zaKwaZulu-Natali naseGauteng zibambe inkonzo yobumbano kukhulekelwa izimo ezikhungethe umphakathi waseMgababa.Le nkonzo ebigcwele amahlelo ahlukene ezayoni.
Ekhuluma neNtatheli yeKZN Namuhla uMphrofethi Mafohla Ndwandwe unabe kabanzi ngokusuka kwabo eGoli bezokwakha umzimba kaKristu “siyabonga inkonzo ihambe kahle kakhulu sizokwamukela uMfundisi Maphumulo wakhona lana eMgababa kwayintokozo kukhona nabafundisi bendawo okube inkonzo ebiyinhle kakhulu sibonga kakhulu kwiZayoni ebezisuka koNongoma,Mpangeni,Showe nazozonke zalapha eThekwini ebezikhona siyabonga kakhulu” kuphetha uMprofethi Mafohla waseGoli.
Okuhlalukile kulenkonzo uMfundisi Maphumulo ubechichima injabulo ekhuluma nabe KZN Namuhla “sijabule kakhulu abazalwane abasesekile sibonga nokuthi sikwazile ukuzokhuleka nezimo ezibhekene nendawo esikuyo uMgababa”
Khonamanjalo uMengameli Luthuli uvale inkonzo ngokuthi kusenhliziyweni yakhe ukuthi ngolunye usuku kukhulekelwe iNingizimu Africa ebhekene nesihlava sokubulawa kwabesifazane nokwanda kokusetshenziswa kwezidakamizwa okuyinto ephazamisa inhlalakahle emphakathini.