UPhumlani Ngwane (22) ohlala endaweni yase Lindelani KwaNdlanzi ,oqale ngonyaka odlule 2021 ukumodela wangena umncintiswane wa Mr and Miss Dream Chasers KZN wazitholela isicoco sa Mr Dream Chasers Ambassador ne Charity Winner emva kwalokho uthi uvele waba nothando olukhulu lwalomkhakha wokumodela njengoba esephinde wangenela koka Mr and Miss Ethekwini Municipality Role Model nakhona uthi ubezimisele kakhulu ukuhlabana ngaso lesi sicoco asizuzile njengoba egcine enqobile kwaba uyena uMister Ethekwini.
Municipality Role Model uyathembisa ukuthi njengoba ewumuntu onothando lokupha asize abaswele uthi ngeke akuyeke uzoqhubeka nakho kuningi nafisa ukukwenza ukuthuthukisa intsha esakhula njengoba ewusomabhisini omncane ufuna ukukhulisa ibhizinisi lakhe lezimpahla zokugqoka (Fruit of a broken tree).
Uthi uyazi ukukhula kwalo uzogcina esekwazi nokuvula amathuba omsebenzi entsheni akhula nayo waphetha ngokuthi ufisa ukudlulisa ukubonga okukhulu ku Letoya Madlala(Founder of Mr and Miss Ethekwini Municipality Role Model)elekelelana nomama wakhe ngomcimbi omkhulu kangaka abewuhlelile waphinde waba impumelelo abonge naku Mholi (MediaM)ngezithombe abashutha zona bese ebonga nakumama wakhe uFikile Ngwane,usisi wakhe uNosihle Ngwane ngokuhlezi bemuseka ngezikhathi zonke abonge kubobonke abalandeli bakhe ngokuhlezi bemuseka njalo
Facebook:Phumlani Brian wakwa Ngwane
Instagram:Phumlani Brian wakwa Ngwane