UDktl. Wendy Geza uzuze iziqu zobudokotela kwezoLimo phecelezi kwi- Transformative Agricultural Systems. Uqale uhambo lwakhe kulendima yokuqeqeshelwa i PhD in Food Security khona eUKZN ophikweni lweAgricultural Extension and Rural Resource Management (AERRM).
Udabuka eEastern Cape endaweni yase eBizana ezalwa umhlengikazi umama wakhe kanye nobaba wakhe oyiphoyisa lomgwaqo, UGeza ufunde esikoleni sasePortshepstone lapho isifundo sezoLimo(Agriculture) kanye nesezamabhizinisi(Business Studies) ne Accounting sasiphoqeleliwe ukuthi abafundi basenze. Nokho uthi inhloso yakhe kwakuwukuthi enze iziqu zomthetho noma accounting.
UGeza ngesikhathi efaka isicelo sokufunda eUKZN uthi ezoLimo zazingekho phambili engqondweni yakhe kodwa kwenzeka ingwijikhwebu ngesikhathi elahlekelwa incwadi yakhe yokumamukela okuyikho okwamenza wazithola engena kwezoLimo ophikweni oluseCedara College of Agriculture lapho waqala khona uqeqesho lwakhe ezingeni eliphansi (undergraduate studies).
Kusukela lapho uGeza akabange esabheka emuva waba nogqozi lokubona intsha ingena igxila kulomkhakha obaluleke kangaka wezoLimo. Kanti wenza kahle kakhulu ezifundweni zakhe kwaze kuba uzuza indondo yaKwanalu floating trophy ngokuba umfundi ohamba phambili, waqhubeka wathola ne scholarship kwaze kaba ufinyelela ezingeni le PHD.