NKOSIE NTOMBELA
Imidlalo ngaphansi koMkhandlu weTheku ama eThekwini Games isiya ngasemaphethelweni njengoba ngomhlaka 10 October 2023 eMgababa Coastal Beach kube nomcimbi wokwethula ngokusemthethweni amaqembu azobe eqhudelana ebanga isicoco sokuba oshampeni bama District.
Le midlalo engamelwe iTheku yandulela imidlalo emukhulu ebizwa ngama SALGA Games lapho kuqhudelana amaqembu amele omasipala.Evula uhlelo oyisihlabani kwezemidlalo u Amanda Dlamini uthe lemidlalo yamusiza kakhulu ngoba ilapho athola khona ithuba lokuzibonakalisa ingako ekhuthaza abazali bayeseke ngoba ezemidlalo ziyaphilisa.
Lemidlalo yamanqamu izobe idlalelwa eHoy Park eThekwini eduze nase Moses Mabhida Stadium ngoMgqibelo nangesSonto lomhlaka 14-15 Okthoba 2023
Imidlalo isiyonke ngokwanaqoqo iqhathwe kanje :-
Khokho Games (Kwabesilisa nabesfazane)
Group A Group B
*District 2 *District 1
*District 7 *District 8
*District 6 * District 9
*District 4 *District 5
Rugby Male
Group A Group B
*District 9 *District 6
*District 7 *District 2
*District 4 * District 3
Cricket Male
Group A Group B
*District 1 *District 5
*District 3 *District 6
*District 9 * District 8
*District 4 *District 7
Basketball Males
Group A Group B
*District 4 *District 8
*District 7 *District 10
*District 3 * District 9
*District 6 *District 1
Netball Female
Group A Group B
*District 5 *District 6
*District 9 *District 10
*District 3 * District 1
*District 2 *District 7
*District 8 *District 4
Football (Abesilisa Nabesfazane)
Group A Group B. Group C
District 9. District 5. District 7
District 2. District 8. District 1
District 6. District 4. District 3
District 10
Ongusihlalo wekomiti elibhekele ukuzimbandakanya komphakathi kuMkhandlu weTheku uNkkz Zamazulu Sokhabase ubonge bonke abaphume bezoseka lemidlalo emikhulukazi eThekwini wasebonga wonke ama legend ebekhona eCoastal Beach Lounge ezoseka kuthoswa ngokusemthethweni ukugoqwa lwemidlalo ama eThekwini Games okubalwa kuzo izihlabani uSyabonga Nomvete,Amanda Dlamin,Zinhle Ndawonde kanye noSiyabonga Sangweni ababeyingxenye yezihlabani ebezithamele lomcimbi.