NKOSIE NTOMBELA
Inhlangano ebhekele ukusebenza kwentando yeningi eNingizimu Africa I Democracy Development Programme ibambe ingqungquthela mhlaka 12 October 2023 ehhotela iMaharani eThekwini ngenhloso yokuzodingida ngezingqinamba ezenza izidingo zingafiki kubantu ngesikhathi sokusebenza kohulumeni bezindawo.
Evula lenkomfa uDktl. Paul Kariuki ubonge bonke abaxhase iDDP kuleminyaka engu 30 yabakhona, wabonga nabezindaba imisakazo yemiphakathi abasebenzisane nayo ekukhuliseni intando yeningi nabobonke abathamele lenkomfa yeDDP.
Uhlelo obeluphethwe uMnu Mhlongo ongesinye sezikhulu zeDDP ubelubambe ngobukhulu ubuchule kudingidwa ezithinta umphakathi nokungahambi kwezidingongqangi ngesikhathi.
UMnu B.B Biyela obengamele ingxoxo yezikhulumi zosuku kwezinye zezikhulumi uKhulekani Mfeka oyi Senior Facilitator kwinhlangano engenzi nzuzo I Built Environment Support Group ezinze eMgungundlovu unabe kabanzi ngezingqinamba imiphakathi ebhekana nazo ekuhlinzwekeni kwezidingongqangi “siyi BESG kuningi okuthinta ukuhlaliswa kwabantu okugcina kungeke kwayiqeda imijindondolo njengesimo saka Jika Joe lapho kwakhiwa khona izindlu kodwa kwakuzohlomula amalungu asemjondolo angu 400 kodwa okwagcina kuhlomula angu 200 ngenxa yokuthi kwasekunemibandela eminingi eyasibekwa ukuze isakhamuzi sithole indawo kwajika Joe lokhu akwenzeki eMaritzburg kuphela, ngoba naseNdumeni kunezakhamuzi ezagcina zithola izincwadi zokuphunyelwa izindlu kodwa lezozindlu zagcina ngawo amaphepha azo okuyinto imphakathi ebhekene nayo ngakhoke sicela iziphathimandla zibenohlelo oluqondile lokuletha izidingo kubantu” kuphetha uMnu Mfeka
Khonamanjalo nomqondisi mabhuku uveze umbiko asebewenzile lapho okuseqhulwini kube ukushoda kwamakhono kubasebenzi bemkhandlu yaKwa Zulu Natali, ukungaqedwa kwemisebenzi ngesikhathi esibekiwe okugcine kudle imali ephindaphindiwe,ukwehlukana kwezepolitiki okugcina kuphazamisa ukuhanjiswa kwezidingo kubantu Kanye nokungaphathwa kahle kwezimali okuhambisana nokukhwabanisa komasipala.
Izethameli zenkomfa ziphakamise ujukhathazeka kweyokungenelela kwama “consultant” ekubeni iNingizimu Africa inabo abantu abangaqasheka benze umsebenzi ukuze kongiwe imali ngoba ama “consultant “ adla izigidi kwimikhandlu esuke ingenzi kahle ngokomubiko womucwaningi mabhuku.
Khonamanjalo iDDP kulengqungquthela ebihambisana nedili lomculo iphinde yaklomelisa ngezitifiketi kwababenayo kuleminyaka engu 30 ikhona iDemocracy Development Programme.