NKOSIE NTOMBELA
Iqembu lomculo kaCothoza lenze okuhlokomise ihholo ebeligcwele izethameli libiza usihlalo we CCFISA uThokozani “Tzozo” Zulu emva kokuqeda ukwethula albhamu.
Leliqembu elakhiwe abafana abasebencane lihloniphe uTzozo ngesistifiketi sokumhlonipha ngamagalelo abanawo empilweni yabo kakhulukazi ekubakhuliseni kwindima yomculo.
Ethula inkulumo uLungelo Ngidi uthe “ngalesitifiketi Mageba sibonga ukuthi seloku wabakhona kwindima yomculo awuzange usibukele phansi siwucothoza usisekile labesikhala khona bewuba nathi usisize siyabonga”
uThokozani Tzozo Zulu obekhashwa osomabhizinisi uthe “ngiyathokoza ngalesitifiketi ngibonga kakhulu kodwa engingakusho njengoba sifikile nalabafowethu asimile esingakuqinisekisa abaculi abathathu be United Brothers sobenzela izincwadi zokushayela ikona okunye esizonikela ngakho nabafwethu engihamba nabo okungu Nurh Mlawo no Wiseman Mnguni” kuphetha uTzozo Zulu.
UMnu Wiseman Mnguni unabe kabanzi ngokuthi yena wakhulela emakhaya futhi njengoba eseshilo uTzozo nguyena ozokhokhela zonke izindleko ngoba lapho ekhona wasizwa nguye uTzozo ezisukela le Olundi wamusiza kwezamabhizinisi kumanje ubuyisela emphakathini. Kanti umnikazi wesikole sokufundela ukushayela uNurh Mlawu weNondaba Driving School uzwakalise ukuthi uzimisele ukusebenzisana nabo kuloluhlelo abalwenzayo lokuthuthukisa impilo zabantu abasha basezindaweni zasemakhaya kuphetha uWiseman Mnguni oyisikhulu esiphezulu kwi Mboniseni Events.