kukhulekelwe abafundi ngaphansi kwesizwe saseMnini

NKOSIE NTOMBELA

Inhlangano eyengamele amabandla akhele ubukhosi baseMathulini UMnini Unity in Christ bubambe inkonzo yokukhulekela umatikuletsheni nabafundi mhlaka 06 October 2023 eThusong Centre eMgababa.

Inhloso yalomkhuleko ukukhulekela abafundi bamabanga aphansi naphezulu kakhulukazi umatikuletsheni.

Intatheli yeKZN Namuhla Newspaper ikhuluma nosihlalo we Unity in Christ uNksz Philisiwe Mbhele unabe kabanzi ngenhloso yalenkonzo “njengoba sihlangene namuhla sizonxusa uNkululunkulu ehlise umoya oyingcwele aphinde asize kungangeni lemimoya ephazamisa izingane zethu masekufike lesikhathi sokubhalela ukuphela konyaka kakhulukazi njengo umatikuletsheni wethu owenze kahle ngonyaka odlule kulonyaka sizokhulekela ukuthi wenze kahle kakhulu” kuphetha uNksz Philisiwe Mbhele.

Nobukhosi baseMathulini bebukhona kulenkonzo wasebeka iphuzu elimqoka uMnu Nhlanhla Luthuli osuka kuMnini Traditional Counsil “siyindlunkulu sizokweseka umbono omuhle wokuthi kuzoba nomkhuleko wokukhulekela impumelelo yezingane zethu njengoba kuphetha unyaka okunye sifisela inhlanhla bonke abafundi bethu ukubhala okuhle sibonge nakothisha abazokhulisa isizwe sethu ngolwazi nakubazali abakhona kulenkonzo siyindlunkulu sibonga kakhulu uma sibona isizwe sethu siphakamela phezulu ezintweni ezithinta imfundo kusho uMnu Nhlanhla Luthuli woMnini Traditional Council.

Khona manjalo obesuka kuMnyango Wezemfundo uMnu Thomas ongumhloli omkhulu kwisiyingi esiseNingizimu neTheku uchaze lolusuku njengolukhulu bewumnyango “sithokoza kakhulu ngalezinhlelo ezinjengalezi lapho kuhlangana abazali nomzimba kaKrestu kuzokhulekwa njengoba kuyinto ebaluleke kakhulu ukuthi lezinhlaka zisebenzisane ukuze kwakheke umuntu omusha onekusasa ngoba ukuphumelela kwesikole esisodwa kulendawo ukuphumelela kwethu sonke,engakuqinisekisa siwumnyango sikulindele ukubhala kokuphela konyaka njengoba iphepha lokuqala lizobhalwa mhlaka 30 October 2023,nginifisela inhlanhla imfundo iyona eyoshintsha izimo zasemakini ngoba neyami yakwazi ukusishintsha njengoba ngimi phambi kwenu”kuphetha uMnu Thomas okewaba uThishomkhulu kwisikole esidume ngokwenza kahle ngaphansi kobukhosi baseMnini iSdelile High School.

Le nkonzo ebigcwele amalunga omphakathi kanye namahlelo ezinkonzo ahlukene kuhlaluke ukuthi ibakhona njalo ngonyaka eMnini Thusong Centre.

Lomthandazo ubusingathwe nayinkosi yesizwe uNkosi Phathisizwe Luthuli, obemele uCogta uMdu Mthembu noThisha bezikole zaseMnini okubalwa uMnganiwakhe High School,Esizibeni Comprehensive High School,Sideline High School,Dlambula Primary School Kanye nabamele uMkhandlu weTheku.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *