NKOSIE NTOMBELA
Ukudunwa kwezimoto kuphinde kubanjwe nenkunzi ezindaweni ezigudle Ugu okubalwa Amanzimtoti,Umgababa ,Magabheni Kanye naseMgubhozini sekwenze izakhamuzi zahlalela ovalweni.
Esigamekweni sakamuva ngoMhlaka 07 September kudunwe iveni eliyi 4×4 kasomabhizinisi waseMagabheni. Elandisa intatheli yeKZN Namuhla owebelwe leli veni uMnu Deneven ukhale kakhulu ngabenkampani ye trekha athe kumanje bayahluleka ukusho ukuthi ikuphi imoto yakhe.
“ngikhonjwe ngathathwa ngayolahlwa esigangeni engingasazi eFolweni okungiphathe kabi kumanje sekuze kwaphela airtime abenkampani ye trecha bathi abayiboni imoto yami okubuhlungu lemoto iyona engizama ngayo njengoba ngiyisebenzisa ukulanda impahla, manje kuzoma yonkinto. ngicela nongase ayibone angazise ngithole imoto yami” kuphetha uDeneven ongusomabhizinisi wangaphandle kodwa oqashe izakhamuzi zendawo kumabhizinisi anawo endaweni.
Ukwanda kobugebengu bokudunwa kwezimoto kulendawo sekuyinto esijwayelekile kulandela ukwebiwa kwe corrola kaMkhize eyatholwa seyicwiyiwe ehlathini eManzimtoti.uMnu Deneven imoto yakhe iwuhlobo lwe Toyota 4×4 SRX emhlophe , Inombolo yayo ND 892 203.