KWETHULWE NGOKUSEMTHETHWENI INHLANGANO YABESIFAZANE I CISTAHOOD

ISITHOMBE : Amalungu angamele Icstahood eNingizimu Africa

NKOSIE NTOMBELA

Inhlangano yabasifaze ezoqhakambisa ukumeleleka nasekubhekeleleni kwabesifazane emikhakheni eyehlukene yethulwe ngokusemthethweni Kwa Zulu Natal eThekwini amahhovisi eKZN Music House mgomhlaka 15 October 2023.

Evula uhlelo njengesikhulu esingamele I CCFISA uMnu Thokozani Tzozo Zulu uthe “ siyi CCFISA I CStahood yamadlelandawonye nathi esikuqhambisayo ukuthi amaciko akithi kakhulukazi awesifazane ameleleke njengoba sizoba nohlelo noMnyango Wezokubuciko sizoqhuba uhlelo oubizwa nge “Suka Sambe” okuzobe kukhuliswa amaciko kuphidlnde kuqoniswe nezinhlaka ezibhekele bonke abemkhakheni wobuciko Kwa Zulu Natal” kusho uTzozo Zulu

Lomcimbi wokwethulwa kwe Stahood eKZN ibisingathwe nanguMengameli wayo uDr Nozi othe “kuyathokozisa ukubona abesifazane behlangene ngenhloso yokukhulisana engakusho kulaba abangamele izikhundla kwiCistahood kusifundazwe kumele basebenze ngoba inhloso yethu ukufikelela kuzozonke izindawo siyi CStahood”.

Khonamanjalo noMengameli weCCIFSA uNksz Joy Mbewana ukhuthaze amalunga angamele izikhundla kwisfundazwe ekusebenzeni ngokuzinikela “ekungamele nakancane nikukhohlwe ukuthi laba abanikhethile ukuthi baniphathe anikho ngaphezu kwabo kodwa nina niyizithunywa kuzomele nibahloniphe,nibambisane nibantu besifazane niphinde nibemunye ukuze CStahood ikhule ikwazi nokusabalala nakwezinye izifundazwe engakofiki kuzo” kuphetha uNksz Joy Mbewana uMengameli weCCIFSA eNingizimu Africa.

Lomcimbi wokwethulwa kwe CStahood ubuhambisana nomculo Kanye nengoma kumaciko abekhona abenandisa U Lorna B, BucyK,Timbuktu,Shortbase,Melody,Do or Die,DJ Mabura,Aluta Continua kanye no Pretty Goba.

Lomcimbi bewuthanyelwe nayisithunywa somnyango wezokuthuthukiswa komphakathi Nksz Phunu Mkhize.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *