Sikhuphuke saye sayofika ku 62million isibalo sabahlali baseNingizimu Afrika

SHEILA MHLONGO

Isibalo sabahlali baseNingizimu Afrika sikhuphukile saye sayofinyelela ku 62million.Lezizibalo zidalulwe owengamele,  iSouth African Census uGeneral Risenga Maluleke, ngesikhathi edlulisa umbiko kuMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa ngoLwesibili lomhlaka 10 Okthoba 2023, eUnion Building ePitoli.

Ngokwezibalo zikazwelonke ze South Africa’s Census 2022, zithi isibalo sabantu (population)sikhuphuke ngo 21,4 million saye safinyelela ku 62million ngonyaka ka 2022, okuyinto eyenzeke eminyakeni engu 26 kusukela kunyaka ka 1996.

Abantu abansundu yibona abaningi kakhulu ukwedlula ezinye izinhlanga ngamaphesenti angu 80,kulandele amakhaladi ngo 8,2 wamaphesenti abamhlophe ngo 7,3 wamaphesenti, kanti abohlanga lwamaNdiya bona esabo isibalo singu 3 wamaphesenti.

Lolulwazi olumayelana nezibalo zabantu bakuleli umbiko we South Africa’s Census uthi ludidiyelwe ngonyaka ka 2022 kanti luqukethe imininingwane emayelana nesimo sabantu bakuleli ngokwehlukana kwabo okubandakanya izidingo zabo kanye nokunye. SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *