NKOSIE NTOMBELA
Inhlangano eyengamele ukhetho eNingizimu Afrika i-Independent Electoral Commission(IEC) ibambe isithangami sabezindaba eThekwini ngomhlaka 18 Okthoba 2023, ngenhloso yokucacisa ngezinhlelo zayo zokhetho lonyaka ozayo.
Kulesithangami lenhlangano ichaze kabanzi mayelana namaqembu ezepolitiki abhaliswe ngokusemthethweni futhi afanele ukungenela ukhetho.
Njengamanje, iKwaZulu-Natal inabavoti abangu-5,3 million, kanti kulindeleke ukuthi isibalo sinyuke ngemuva kokunyuka kwesibalo sabantu.I-IEC iphinde yacacisa ukuthi i-NFP ingangenela ukhetho lwangonyaka ozayo nakuba ngenxa yezingxabano eziqhubekayo ngobuholi isimise okwesikhashana uxhaso lwe-NFP (National Freedom Party) i-COPE (Congress of the People) ne-AIC (African Independent Congress).
Okuhlalukile abakwa IEC bathe lezinhlangano kufanele zisukume ngokushesha ukuze zixazulule izingxabano zazo zobuholi ukuze ngesikhathi somnqamulajuqu wohlu lwabazongenela ukhetho oluzoba sekuqaleni konyaka ozayo u 2024 kube aselungisile izinkinga zawo zobuholi.
I-IEC iphinde yakuqinisekisa ukuthi inhlangano yaseThekwini ebizwa ngokuthi uMkhonto Wesizwe ibhaliswe ngokusemthethweni futhi yalandela yonke imigomo ebekiwe.
I-IEC izwakalise ukuthi minyaka yonke yabela amaqembu ezepolitiki amelwe ephalamende likazwelonke u-R1,3 billion kanye nezishayamthetho zezifundazwe eziyisi-9.
Iqembu elibusayo i-ANC lithola imali efikelela ku-R700 million njalo ngonyaka. UMnu. Mawethu Mosery ubike ukuthi ukubhalisela ukuvota kokuqala kungomhlaka 18 -19 November 2023. Ukhetho lulindeleke phakathi kuka Ephreli-Meyi 2024.