![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2023/10/image-14.png)
NKOSIE NTOMBELA
UNgqongqoshe wamaphoyisa uMnu Bheki Cele ukhwele wadilika kumsakazi woKhozi FM emngcwabeni wephoyisa elabuwala izigebengu Kwa Mashu ebelifihlwa ngomhlaka 21 October 2023 Kwa Mashu.
Ekhuluma emngcwabeni kaWarrant Officer Sthembiso Mazibuko wophiko lweNational Intervention Unit (NIU) uCele uthe “ukuphawula komethuli wohlelo bekungelona iqiniso futhi basusa udlame emaphoyiseni.
“Kunentokazi emsakazweni ebizwa ngoZim Dollar eyaya emsakazweni yakhuluma kabi ngamaphoyisa. esho noma yini afuna ukuyisho nge-NIU. Wakhwela wadilika emaphoyiseni ngezinto ezimbili, Wasinikeza inkulumo ngokufa kwabafowabo ngaphandle kokuchaza ukuthi ulahlekelwe kanjani ezandleni ze-NIU. Uphinde wathi i-NIU iyesatshwa futhi ibulala abantu abangenacala. Ngamafuphi uthe amaphoyisa akumele esabenze,” kusho uNgqongqoshe Bheki Cele.
NgoMsombuluko mhlaka 22 October 2023 isikhulu esiphezulu se-SABC uMmoni Seapolelo uthe lo msakazeli womphakathi ulusukumele ngaphakathi lolu daba kulandela izikhalo zamaphoyisa eSAPS azifake ngoBiyela kanti kube sekwenziwa nesixoliso esibhekiswe ezinhlangothini ezithintekayo.