Ufisa ukushintsha izimpilo zabantu esebenzisa umsakazo u-Asanda Maboshe we – Izwi  Labantu Radio

NKOSIE NTOMBELA

Intokazi esencane Asanda Mzoboshe (27) owaziwa ngelikaMamfundisi waseThekwini  odabuka Eastern Cape elokishini elikhulu elaziwa ngeNomlacu unephupho lokushintsha izimpilo zabantu esebenzisa umsakazo.

Lentokazi engumsakazi wesiteshi esiqhakambisa ukuba ngowase Africa, Ilanga Labantu Radio yakhona lapha eThekwini

U Asanda Maboshe ekhuluma neNtatheli ye KZN Namuhla uthe “Okubalulekile ngalesi siteshi yinkundla engumahamba nendlwana yabo bonke ososayensi abamnyama base-Afrika abakhombisa amandla nobuqotho bokulapha nangokubaluleka kokuba ngowase Africa” 

Lomsakazi ngo-2018 ubeyingxenye yabasakazi be-Intokozo101.2FM lapho kade enza i-Vuka Mzansi Breakfast, unabe kabanzi ngesifiso angathanda ukuthi siphumelele kakhulukazi kwintsha esakhula njengoba isikompilo lethu selithathwa impucuko yezizwe

“ukuba kwami kwindima yezemisakazo ukubona abantu besizakala ezinkingeni abanazo njengoba nohlelo engilwenzayo njalo ntambama ngo 6 kuyaku 8 ebusuku ngisuke ngibheka izingqinamba ezikhungethe abantu besebaxhumanisa nabangabasiza besengiyalandelela ukusizakala kwabo ngoba lomsebenzi wokuba umsakazi ngiwenza ngothando lokusiza ngiphinde ngithuthukise umuntu umnyama” kuphetha u Asanda Mzoboshe.

Ubesecela ukuthi abalaleli balalele uhlelo lwakhe njalo ngeMsombuluko kuyaku Lwesine besebenzisa internet ku www.magadlela.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *