Uhlelo lwe- DDP Migration Project lubonakala luthela izinthelo ezinhle kakhulu

UMphathi Jikelele uDktl. Paul Kariuki, wenhlangano iDDP emukela izihambeli waphinde wabonga umphakathi , abasebenzi kanye nabaxhasi bohlelo

Uhlelo lweDDP Migration Project lukhombisa imiphumela emihle kakhulu njengoba lubonakalisa ukuthi lukwazile ukushintsha izimpilo zabantu bakuleli kanye nalabo abangabokufika lapha eNingizimu Afrika.

Lokhu kufakazelwe izincomo ezinhle ezenziwe ilabo ababe ingxenye yokwethamela loluhlelo olwaziwa ngeMigration Project oluqhutshwa inhlangano iDemocracy Development Program ngokuxhaswa abe European Union. Zonke izethameli zaloluhlelo zibonge zanconcoza ngoshintsho oselwenzeke ezimpilweni zabo.

Loluhlelo lweMigration Project beluqhutshwa ama Facilitatior asemkatshubomvu kwezokuqeqesha, lokhu ekwenza ngokuvula imiqondo yezethameli ezingabahlali bakuleli kanye nalabo abahlali abangokufika kuleli abaziwa ngama African Migrants, akhele izindawo , Umlazi, KwaMakhutha, Isipingo, KwaMashu and Sydenham.

Kuzozonke lezindawo ezibalwe ngenhla izethameli ezingabahlali bakhona zikwazile ukuzuza ukuthola uqeqesho kwezamabhizinisi olubizwa nge Entrepreneur Training, lokhu okuthathe isikhathi esingangonyaka, okuphinde kwalandelwa ama Follow-up sessions obekuhloswe ngawo ukuthi bacijwe ngendlela abangakwazi ngayo ukusebenzisa lokho abakufundisiwe nokuthi babone umehluko owenziwe iproject ukuthi bakwazi ukuqhuba amabhizinisi abo kanye nomehluko ezimpilweni zabo.

Uhlelo lwe Entrepreneur follow-up session lube ngenyanga ka July lapho izethameli zifundiswe khona ngezindlela zokukhulisa amabhizinisi azo, zaphinde zathola nethuba lokucobelelana ngolwazi ngalokho ezikufundile nangendlela ezizoqhuba ngayo emabhizinisini azo ukuya phambili.

Izihambeli zohlelo lweMigration zihambele dialogue

Inhlangano iDDP iphinde yasingatha isithangami sokubonisana esibizwa nge The African Migrant Business Dialogues, nesibe ngenyanga ka Agasti saqhutshwa ezikhungweni ezise Isipingo, Umlazi, KwaMakhutha, Sydenham kanye ne KwaMashu, kanti inhloso kwabe kunguthi izethameli zibonisane ngezinto ezifana nezinkinga zamabhizinisi, amathuba okukhulisa amabhizinisi, kanye nokucobelelana ngamakhono alomkhakha wezamabhizinisi phakathi kwezithameli zakuleli nezangaphandle.

LeCommunity Dialogue okuyisithangami sokubonisana esenzeke ngenyanga ka Agasti kuzozonke izikhungo, izethameli zakuleli kanye nezokufika zikwazile ukuhlala phansi zibonisane ngezindlela ezingasombulula ngayo izinkinga ezihlangabezana nazo enhlalweni kanye nokubheka izindlela ezingenza ngayo ukuqeda isihlava sokucwasana ngokobuhlanga (Xenophobia) nokuthi lingakanani ibanga esezilihambile kusukela kwaqala loluhlelo lwe Migration Project.

Ihlangano iDDP iphinde yasingatha umhlangano we Networking session ngenhloso yokwakha ubudlelwane bokuphilisana (Social Cohesion) phakathi kwezinhlaka zombili okungabantu bakuleli kanye nalabo bokufika okungakho isiqubulo sayo sabizwa nge, “Building a Socially Cohesive Society” .

Izihambeli zethamele iBusiness Indaba

Zibalelwa ku 100 izethameli ezabe zibukeka zinomdlandla wokuba kulomhlangano ezabe zivela ezindaweni ezahlukene lapha eThekwini okubalwa, izinhlangano ezingenzi inzuzo (NGO’s) kanye nabavela kweminye imikhakha ngenhloso yokuthola ithuba lokubonisana ngezindlela ezingenza ngazo ukuthi kube nokuhlalisana okuhle nokuthi ingabe lisho ukuthini igama elithi, Social Cohesion, nokuthi kungenziwa kanjani ukuthi kufezeke isifiso senhlalakahle ezindaweni zabo.

Lemihlangano yokubonisana yandulelwa ukusungulwa kokusebenzisana phakathi kwama SCO’s kanye ne Migration Project ukuze kuqalwe imizamo ezoqhubela phambili imizamo yokuhlalisana ngokuzwana (social cohesion) phakathi kwalabo bokufika kuleli (African Migrants) kanye nabantu bakuleli ukuze kuphele imikhuba yokucwasana ngokobuhlanga ezindaweni zaseThekwini namaphethelo.

Esithombeni  kungesikhathi kwedluliswa  izitifiketi kubathameli bohlelo lwe Migration Project ngesikhathi kade kubanjwe iBusiness Indaba

Omunye wezethameli ze Business Indaba ebukisa ngomsebenzi wakhe

BUSINESS INDABA-Ngomhlaka 7 Septhemba kwabanjwa iBusiness Indaba yesibili kanye nombukiso we Exhibition lapho izihambeli zabe zibukisa ngemisebenzi yazo yezandla. Khona manjalo kwaphinda kwakhishwa nezitifiketi zinikezwa labo abaqeqeshelwe kwezamabhizinisi  (Entrepreneur Training Program) ababalelwa ku 200 abebevela ezindaweni ezifana ne KwaMashu, Umlazi, KwaMakhutha, Isipingo kanye naseSydenham.

Imiphumela emihle yokwethamelo uhlelo lwe Migration Project ifakazelwe izincomo zalabo ababe ingxenye yalo uhlelo;

Abethameli beMigration Project bexoxisana ngalokho abakuzuzile nosekubasizile ukuthi bakwazi ukuqhuba kahle amabhizinisi abo

UMonwabisi Ndlovu: waKwaMakhutha, uthi loluhlelo lumsize kakhulu njengoba ekwaze ukuzakhela isitolo sokupheka aphinde adayise inyama yenhloko, uthi amandla okwenza lokhu uwathole ngemali yeStipend sokwethamela izifundo zeEntrepreneur Workshop. Manje usengusomabhizinisi owenza kahle.

UPatient Bagaya:ohlala e-Isipingo, uthi uyisisulu esasinda sihlaselwa esigamekweni sodlame lokucwaswa ngokobuhlanga (Xenophobic) kodwa umfowabo yena wafa kuleso sigameko, uthi ngenxa yalokhu ucishe wathatha imithwalo yakhe wabuyela kwelakubo, kodwa ube eseshintsha umqondo emva kokwethamela ama dialogue workshop ambalwa.

UHappy Mkhize: ongumdayisi  e-Isipingo  naye ungomunye ozwakalise ukuthakasela ukuba ingxenye yaloluhlelo njengoba esekwazile ukufunda ukuphatha aphinde ahlele izimali zebhizinisi lakhe emva kokuthola ukuqeqeshwa kwi Entrepreneur Training Program

UBheka Khomo: ongumnikazi weTuck-shop ohlala e-Isipingo, uthi ufunde ubumqoka bokukwazi ukusebenzisana nosomabhizinisi bokufika kuleli(African Migrants traders) njengoba behlanganisa imali bathenge ndawonye ngomthamo omkhulu lokhu uthi, kwehlisa intengo yezimpahla abazithengayo, okwenza isimo sibe ngcono kuwo wonke umuntu kunokuthi ezithengela eyedwa.

.Ekugcineni, loluhlelo lwe Migration Project lukhombise impumelelo enkulu ngoba likwazile ukufeza inhloso yalo yokwakha ubudlelwano bokuphilisana kangcono phakathi kwabantu baseNingizimu Afrika kanye nalabo abangama African Migrants, lokhu okuphethe ngokuthi kwehlise ukungaboni ngaso linye kanye nezinxushunxushu ezidalwa ukucwasana ngokobuhlanga lapha KwaZulu-Natali, esingasho ukuthi kudalwe kakhulu izigcawu zokuxoxisana (dialogues and workshops).

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *