USanele Mbambo ongumdwebi wase Mfume ucela usizo

Umdwebi uSanele Mbambo wase Mfume Mission

NKOSIE NTOMBELA

Insizwa yase Mfume Mission uSanele Mbambo ongumdweni ukhala ngosizo njengoba efisa nokuthi umsebenzi wakhe wezandla uthengise ukuze akwazi ukuthenga aphinde akwazi nokubhekela umndeni wakhe.

Ekhuluma neNtatheli yeKZN Namuhla uSanele Mbambo uphinde wathi kulomsebenzi wezandla usefundisa nabantwana bendawo mahhala.

“njengoba ngidweda ngikwenza ngothando futhi lezithombe ngifisa ukuthi ngizidayise njengoba isimo semisebenzi sinqaba eMzansi ngibona kwisona sinkwa lesi engingajabula uma ngingathola indawo langadayisa khona lemisebenzi yami kuphinde kusizakale nalezingane esengizifundisa ukudweba zakhona lendaweni eMfume,izinkinga ebhekana nazo ukuphelelwa upende wokudweba engajabula uma ngingathola abangangixhasa njengoba ngidlulisa ithalente kubantwana bendawo abokwazi ukuthi kusasa baziphilise ngalo” kusho uSanele Mbambo.

Okuhlalukile lensizwa lomsebenzi wayo udinga izinsiza Kanye nendawo lazothengisa khona ngokwesifiso sakhe ngoba ekhala ngokuthi kungamkhuthaza kakhulu mawungase kubekhona abawuthengayo.

Ubesecela abangafisa ukuxhumana naye bangamubheka  kwinkundla zokuxhumana uFacebook : Sanele Mbambo noma kwinombolo : 0744653143.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *