Kukhuthazwe abafundi abenza kahle e Robert Hlongwa High school

Isikole esakhele indawo yaseNkwali KwaThoyana sibenomcimbi wokuklomelisa abafundi abenza kahle kwizifundo zabo ngomhlaka 26 September 2023. Ngokusho kuka thishomkhulu ongamele lesikole uMnu Dlamini unabe kabanzi ngokubaluleka kwalomcimbi wokuklomelisa abafundi.  “inhloso yethu ukukhuthaza abafundi kusuka ku Grade 8 kuyaku Grade 12 okusemqoka ukubagqugquzela ekwenzeni kahle kwizifundo zabo njengoba kulonyaka silindele imiphumela emihle , sinezinhlelo esiziqhubayo zokulekelela umatikuletsheni wethu wangalonyaka futhi sesimi ngomumo ekubhaleni izivivinyo zokuphela konyaka ngibonga kakhulu nakubazali nakwisigungu sesikole ngokubambisana okuhle sibonge neqembu lomculo i United Brothers okuyiyo esibambisene nayo kuhlelwa lemikomelo yabafundi” kuphetha uMnu Dlamini

Continue reading

Masingabadeli abantu bethu ngoba bengenalutho

Ngiyabingelela sizwe sakithi. Nginibhalele nawa amazwi anokuhlakanipha ukunifundisa ngokubaluleka kwabo bonke abantu esiphila nabo kulomhlaba. Uma wazi isizulu kahle uzokwazi kukhona into ebizwa ngokuthiwa umkantsha etholakala ethanjeni makuhlatshiwe kudliwa inyama .

Kuyenzeka ithambo lingabi nayo inyama kodwa libe nomkantsha phakathi kanti ubalulekile nawo emzimbeni ngoba uqinisa amadolo. Usungalidela ngoba ubona lingenayo inyama kanti usulahle nomkantsha obuzokunika amandla wokuma kusasa. Kunabantu esiphila nabo emphakathini abanýe ngabangane bethu, abanye sihlanganyela nabo kwezenkolo, emisebenzini nasezinhlanganweni kanti abanye sizalwa nabo.

Indlela ababukeka ngayo ngokwezezimali noma ezomnotho ayijabulisi akubi lula ukubethemba kanti futhi sivamile ukungabanaki ngoba singacabangi ukuthi bangasisiza ngolunye usuku.

Kungenzeka bangabi namali bangabi nalutho kodwa babenawo umkantsha oyinhliziyo enhle enothando lweqiniso nokubekezela. Ezimeni ezinzima babenothando nozwelo lokuma nomuntu ebunzimeni bameseke ngezinhliziyo ezimhlophe. Masingabajikeli abantu ngoba bengenalutho ngoba kungenzeka uhambo lwethu lubadinge kusasa. Qaphela ujikela bani , kungenzeka ingabibikho inyama kodwa umkantsha ukhona

Obhalayo umfundisi Katlego Nare

Continue reading