SHEILA MHLONGO
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uNkk Nomusa Dube –Ncube usehlabe isenzo sokubulawa kweNkosi yesizwe samaNtungwa Inkosi Patrick Siphamandla Khumalo kanye noNdlunkulu wakhe. Lesisenzo esinesihluku senzeke ngoMgqibelo owedlule endaweni yase eMadlangeni eduzane nase Utrecht – ngaphansi kwesifunda Amajuba.
UNdunankulu uDube-Ncube ubabaze isihluku sokudutshulwa kubulawe Inkosi wathi lokhu kwenzeke emuva konyaka kwaba nemizamo yokuyibulalala kodwa yangaphumelela, wathi egameni likahulumeni waKwaZulu-Natali uthanda ukwedlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaKhumalo kanye nasesizweni sonkana samaNtungwa Tribal Authority ngokulahlekelwa Inkosi yaso kanye noNdlukulu waso.
“Ngokukhulu ukudabuka ngithanda ukwedlulisa amazwi enduduzo emndenini waKwaKhumalo nakusizwe samaNtungwa Tribal Authority sonkana, ngokushiywa Inkosi ebisebenza kanzima ukwenza ngcono izimpillo zabantu bayo”. Kubeka uDube-Ncube
UNdunankulu ube esehlaba ikhwelo elibhekise kwaboMbutho wamaPhoyisa aseNingizimu Afrika ukuthi baphuthume bathungathe ababulali ukuze babhekane nengalo yomthetho .