Ngiyabingelela sizwe sakithi, nginibhalele nalu udaba olubuhlungu olunganakekile, akuyona into enhle ukudlwengulwa kufana nokubulala umuntu ephila kanti nokuqanjelwa amanga kuthiwe udlwengule ungadlwengulanga nakho yikumbulala umgqibe ephila umuntu ngoba umphuca ikusasa lakhe ngento angayenzile .
Ngicela ukuxwayisa zonke izinsizwa ezizijabulisa ngophuzo oluqinile ukuthi zibhekisise indlela zazo ngoba kukhona abanye odadebethu abavele bayohlala ezindaweni zokuphuzela bengenayo imali bafike baqome bese beyathengelwa utshwala kuphuzwe bagcine behambe nalezonsizwa ebezibathengela utshwala bayolala bonke behlose ukuthi uma bevuka ekuseni bazofuna imali kuzo uma zingayikhiphi bayovula amacala okudlwengulwa.
Vukani zinsizwa mangabe usuke uyozijabulisa ngotshwala endaweni bhekana nabo uqede uyolala ungabheki okunye okungakudalela izinkinga . Kubuhlungu ukuboshelwa amanqina enyathi. Ziningi izinsizwa ezidonsa iminyaka emajele ngalomkhuba masivuleni amehlo .
Obhalayo umfundisi Katlego Nare