NKOSIE NTOMBELA
Imvula enetha engenamkhamuko Kwa Zulu Natal kakhulukazi eThekwini kunxuswa abashayeli baqaphe njengoba linetha lapho kunemigwago esekwindawo yezingozi mekuke kwanetha izimvula.
Esigamekweni ezenzeke ku P97 no P197/3 ngomhlaka 31 Okthoba 2023 lakuhlangana khona noSaiccor Road lapho amakhumbi amabili eshayisene kodwa akulimalanga muntu ngokubika kwabazibonele lapho bathe kusolalaka ukuthi umshayeli uzwakale ekhala ngokuhluleka ukuyilawula okwenze yagcina ishayisa enye ikhumbi ebimile.
Oyilunga lomphakathi ekhuluma neNtatheli yeKZN Namuhla uchaze kabanzi ngezigameko zezingozi ezenzeka kulomgwaqo “sesihlalela ovalweni ngoba sabika ngalomgwaqo okuhlezi kuwa izimoto ngoLwesihlanu olwedlule kuphume iPolo kulomgwaqo okubuhlungu umgwaqo ohamba izingane meziya esikoleni ,sacela ukufaka isicelo sama speed humps kodwa kuze kubimanje asikaze sibone lisukumela loludaba” kuphetha uMnu Luthuli
Abomnyango kwihhovisi lezokuthutha eThekwini bathe bazothumela ochwepheshe bazohlonza umonakalo okulomgwaqo babone bazomisa kanjani njengoba kubikwa ukwanda kwezingozi kulomgwago kusho uMbali Duma.