UMkhwebane wenze inkulumo yakhe yokuqala ePhalamende ngaphansi kweqembu leEFF

UAdvocate Busisiwe Mkhwebane ePhalamende

SHEILA MHLONGO

UAdvocate Busisiwe Mkhwebane, obekade enguMvikeli woMphakathi, nosanda kuxoshwa kulesikhundla,  wethule inkulumo yakhe yokuqala ePhalamande ngaphansi kweqembu leEconomic Freedom Fighters emva kokufungiswa njengelunga le EFF. Lenkulumo uyenze ngeviki eledlule.

Eqala inkulumo yakhe uhlabe kakhulu lempi eqhubeka phakathi kwe Palestine kanye ne Israel wathi beyi EFF bayazi ukuthi amazwe asentshonalanga iwona angamashoshozela kulempi.

Okuyikona obekuhamba phambili enkulumeni yakhe uMkhwebane uthe inkinga yokucishwa kukagesi sakonga (Load shedding) isazolokhu iqhubekile njalo inqobo nje uma kusaphethe iqembu likaKhongolose kuleli, wathi beyi EFF bayazi ukuthi njengoba kulungiselwa ukhetho nje iANC izokwehla yenyuka yenza izethembiso ngezinto eyazi kamhlophe ukuthi ayisoze yazifeza.

Uqhube wathi iqembu lakhe le EFF ilona kuphela eliyokwazi ukuqeda lenkinga yokucisha sakonga kukagesi wathi ayikho lento yokuthi uEskom angakwazi ukuphehla ugesi ngaphandle kwamalahle, wathi amanga ukuthi amalahle awakulungele ukusetshenziswa kwamalahle kodwa kunalokho lokhu kuyicebo nje lokuntshontsha amalahle ayiswa emazweni aphesheya.

Abantu bayahlupheka kuleli balahlekelwa imisebenzi, kanti namabhizinisi ayavalwa ngenxa yezinkinga zika Eskom ezingapheli kodwa iqembu elibusayo lilokhu libelesele likhohlisa abantu ukuthi lizoqeda iLoad shedding.

UDABA LUCASHUNWE EKHASINI LEFACEBOOK LE EFF

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *