SHEILA MHLONGO
Uqale ngesasasa umjikelezo weNdebe yama Bokoboko, lokhu kuhlaluke ngesikhathi leliqembu lesizwe ebelivela eFrance lihlangabezwe izinkumbi zabantu esikhumulweni sezindiza e-OR Tambo ekuseni ngoLwesibili lomhlaka 31 Okthoba.
Izinkumbi zabantu bezinhlanga ezahlukene zivuke ngesokusa zaphikelela esikhumulweni sezindiza eGoli ngoba zifuna ukuyozibonela abadlali beRugby beqathaka ebhanoyini.Kanti injabulo ibibhalwe emehlweni kubantu behluleka nokuzibamba.
Ethula ikulumo yakhe ukaputeni weqembu uSiya Kolisi uthe ukuwina kwabo iNdebe kungenxa yokusebenza ngokubambisana kubadlali ngenhloso yokujabulisa isizwe.Kanti ube esebonga abantu baseNingizimu Afrika ngokubeseka ngesikhathi kuqhubeka umqhudelwano weRugby World Cup 2023, ezweni laseFrance, lapho behlule khona iqembu lase New Zealand ngo 12-11
Eqhuba uKolisi uthe nakuba bengabadlali abehlukene ngokobuhlanga kanye nangokwamazinga empilo kodwa benze isiqiniseko sokuthi badlala ngokuzimisela ukuze babuye nayo iNdondo.
UNgqongqoshe weZemidlalo kuleli uMnu Zizi Kodwa uphawule wathi leNdondo ingeyokuhlonipha lowo owabe enguMengameli wakuleli ongasekho uMnu. Nelson Mandela okunguye owaba nombono wokuthi ezemidlalo izona eziyokwazi ukuhlanganisa isizwe.
Isasasa lomjikelezo wokubukisa ngeNdondo uqale ePitoli, waya eJohannesburg, eSoweto waphetha eFNB Stadium ngoLwesine mhlaka 2 Novemba, ngoLwesihlanu lomhlaka 3 Novemba ufudukele eCapetown, ngoMqibelo mhlaka 4 Novemba ube seThekwini, bese ngomhlaka 5 Novemba uphelele eEast London.SAnews.gov.za