U-TONGAAT HULETT USEKELA IZINHLELO ZOKUXOSHA INDLALA

Kumbhidlango wokuqeda indlala, u-Tongaat Hulett usebenza ngokubambisana nabesimame abakhiqiza ukudla abangu-mfelandawonye.  Lokhu kusebenza ngokubambisana sekulekelele lamalungu e-project ukuthi akwazi ukondla imindeni yayo baxoshe ikati eziko.

USnethemba Kunene, osebenza kwihhovisi lezentuthuko nokusimamisa imiphakathi kwezomnotho ubalule wathi: inkampani itshale imali engango-R150 000 ukusungula loluhlelo lokuqeda indlala oluholwa abesimame endaweni yaseMacekane 2 ngaphansi kweNkosi Mzimela.

Inhloso enkulu ngokusungulwa kwaloluhlelo ukuqinisekisa ukuthi amalungu omphakathi awabulawa indlala ikakhulukazi abasunguli kanye nalabo abangamavolontiya kuloluhlelo

Amalungu omphakathi ahlanganisa abesimame abangu-13 kanye nowesilisa oyedwa basungule umfelandawonye la bezibophezele khona ukuthi bazolima izitshalo nemifino enhlobonhlobo ukuze baphilise imindeni yabo ngaphansi kohlelo lokuqeda indlala

Inhlosongqangi ka-Tongaat Hulett yokusungula uhlelo lwezentuthuko ukuthi inkampani ibe nendlela eqondile yokusabalalisa izinsiza emiphakathini.  Loluhlelo futhi luqonde ukubuyisa isithunzi somuntu nokuthuthukisa impilo, kusho uSnethemba Kunene

U-Tongaat Hulett unesivumelwano sokusebenza nabakwa Khuselimvelo Farming ukuthi bafake ingqalasizinda ezolekelela ukuthi imfuyo ingakwazi ukungena ezivandeni idle izitshalo; futhi bakwazi ukuthola amanzi okunisela eduze.  U-Khuselimvelo uphinde weza nezinhlelo zokukhulisa ulwazi kwezolimo ebezilindwe ngamehlo abomvu.  Izifundo amalungu azitholile aziphe ulwazi lokusebenza umsebenzi wezolimo nokuphatha umsebenzi ngendlela

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *