we Covid -19 Social Grantkuze kushaye
MINENHLE MHLONGO
Uhulumeni welule isikhathi sesibonelelo se COVID-19 Relief Distress (SRD Grant)kuze kube uMashi 2025. Lokhu kuza emuva kokuthi uNgqongqoshe wezeziMali uMnu Enock Godongwane kade ethula inkulumo emayelana nezinguqukozenqubomgomo yokuphepha komphakathi kanye nokubuyekeza imodeli yezimali. Lesibonelelo siwuxhaso lokweseka abantu abahola kancane nabathikamezekile nge lockdown ngesikhathi sobhubhane lwe COVID19.
Ethula inkulumo yenqubomgomo yesabelomali seMid Term ephalamende ngolwesithathu olwedlule ,uNgqongqoshe wezezeMali, uMnu -Enoch Godwana uthe sekunezigidi ezingama R34Mil
ezabelwe ukwelula isibonelelo ngonyaka olandelayo “Esikhathini esiphakathi ,isabelo sesikhashana siyagcinwa sibe esiphelele ukubuyekezwa kwalo lonke uhlelo lwezibonelelo zikahulumeni
seluqediwe.Isabelo mali sangonyaka ophelile sibonisa I COVID-19 Social relief of distress grant sabelwe kuze kuba unyaka ka 2024 ngo
Mashi.
“Uhulumeni uphakamisa ukuthi uhlaka lwezimali luhlinzekela uxhasolwezimali kwisbonelelo sika 2024/25.Ngale kwalokhu ,kubuyekezwa
ngokuphelele uhlelo lwesibonelelo nguMnyango
wezokuThuthukisa koMphakathi kanye noMgcini Mafa kazwelonke”. kusho uGodogwana.