Uyaqhubeka uMasipala weTheku nomkhankaso we Operation Good Hope

SHEILA MHLONGO

UMasipala weTheku uyaqhubeka nokugasela amabhizinisi ngaphansi komkhankaso owaziwa nge Operation Good Hope. Lomkhankaso uyingxenye yokuqhuba ukulethwa kwezidingo kubantu (Service Delivery).

Umkhankaso we Opration Good hope kuhloswe ngawo ukuthi kubhekwane nezingqinamba ezikhungethe amabhizinisi asenkabeni yeTheku ku Ward 28 emgwaqeni uDr Pixley KaSeme Street, lapho amathimba oMkhandlu egasele izitolo ukuyohlola ukuthi ingabe abanikazi bazo banazo izinvume zokuhweba, kanti abanye abanikazi bezitolo bathole amaphepha okuthi kumele bahlawule ngenxa yokuthi bengenazo izimvume kanye nesimo esingahambisani nemigomo yezempilo.

Khona manjalo uMkhandlu weTheku ufunga uyagomela ukuthi uzolwa nezenzo zobugebengu, lokhu kuza emuva kokuthi iPhini leMeya ukhansela Zandile Myeni ekanye nethimba lezokuPhepha kanye Nabezimo Eziphuthumayo begasele ezitaladini zedolobha iTheku beyohlola ukusebenza kwamakhamera (CCTV cameras) abekade esanda kulungiswa.

Okwamanje uMkhandlu wenza konke ukuqinisekisa ukuthi wonke amakhamera asenkabeni yedolobha ayasebenza ngokufanele ngaphambi kokuthi kuphele inyanga kaNovemba.

Njengoba kuza amaholidi okuphela konyaka nje Mkhandlu  uqinisekisa ukuthi zonke izindawo ezingama Hot spot ziyaqaphelisiswa ukuthi amakhamera azo asebenza kahle kanti, ikomidi lizwakalise ukuthi impela lanelisekile ngalokho elikubonile.

ULWAZI LUCASHUNWE KU FACEBOOK WOMKHANDLU WETHEKU

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *