Kwehlukene imibono ngesigwebo somgadli we Orlando Pirates uLorch

MINENHLE MHLONGO

IOrlando Pirates imise umgadli wayo  uThembinkosi Lorch ngemuva kokulahlwa icala lokushaya.Lomgadli   wamaBhakabhaka uzoqondiswa izigwegwe ngokusemthemthweni emvakokutholwa enecala lokushaya  ngenhloso yokulimaza (GBV) owayengumlingani wakhe uFundiswa Mathibeli.

ULorch waboshwa ngonyaka ka 2020 waphuma ngebheyili ka R2000 ube esegwetshwa isigwebo seminyaka emithathu esilengisiwe wabe esehlawuliswa imali elinganiselwa  R100 000 nehlukaniswa ngokuthi u R50 000 uzoya kwinhlangano elwisana nokuhlumezwa kwabesifazane i(POWA) bese kuthi lena enye ayikhokhe kancane kancane njengokucela kukammeli wakhe.

Khona manjalo iqembu I Orlando Pirates limemezele ukuthi uLorch akazukuba ingxenye yemidlalo yaleliqembu kuze kube unyaka ozayo (Suspension) kodwa Abantu besifazane kanye nenhlangano elwisana nokuhlukumezwa ngobulili POWA abaneme neze ngalesisigwebo,babona sengathi sincane futhi umthetho ukhetha iphela emasini. Lesi sigwebo hleze sigqugqumezele abesilisa ukuthi baqhubeke behlukumeze bengaboni okubi nakancane kolunye uhlangothi  abalandeli be Pirates bayakhalaza ngokumiswa kwakhe emidlalweni ezayo bathi isidingo besingekho ngoba sekuzwakala sengathi ujeza kabili kanti usevele ehlawulile

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *