Ngaphambi kokujabulisa umfundisi qala ujabulise umzali wakho

Ekupheleni konyaka anginibingelele sizwe sakithi , ngiyazi isikhathi esiyakuso yisikhathi sokubonga ikakhulu kwabezokholo kunezinkonzo eziningi ezihlelwayo ezokubonga abefundisi bengithi angidlulise lamazwi , ukwenzela umfundisi uma ungakaqali ngowakho umzali ukwenzela ize ngoba isibusiso somuntu siqala kumzali wakhe, ungajabulisi umfundisi bebe bengeneme noma bengajabule abazali bakho benyama, uma bengasekho abakuzalayo qala ezihlotsheni zakho ungakayi esontweni ujabulise bona kuqala.

Kanti nakulaba ababonga ngokuhlabela abalele awamukeleki umnikelo wakho uma ungakaqali ngabaphilayo, uma bengasekho abakuzalayo yenza kulabo abayizihlobo osele nabo abaphansi bayojabuliswa ukubona umndeni onothando uthwalana.

Isibusiso sokuqala emuntwini sisebazalini uma bejabule imphefumulo yabo ithokozile ngengane yabo futhi noma bengasekho kuyabathokozisa ukubona izingane zabo zinakekelana. Ofuna ukubonga kuNkulunkulu noma kwabaphansi makaqale ngokubonga abazali bakhe engakayi esontweni kumfundisi nasendumbeni kwabalele. Bonga kubazali kuqala 

Obhalayo umfundisi Katlego Nare 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *