Sigcine siphumelele isicelo sika Oscar Pistorius sokuthola ushwele

UMnyango wezokuHlunyeleliswa kweZimilo kuleli usukhiphe isitatimende sokuthi uOscar Pistorius usezothola ushwele wokukhululwa ejele kusukela ngomhlaka 5 January 2024.

Lokhu kukhishwa kuka Pistorius ngoshewele ejele kuza emva kokuthi wagwetshwa ngecala lokubulala intombi yakhe uReeva Steenkamp ngonyaka ka 2013 kodwa ngonyaka ka 2017 wagwetshwa ukuthi abhadle ejele iminyaka engu 13 nezinyanga ezinhlanu ngaphezulu.

Ukuze agwetshwe uPistorius kungenxa yobufakazi bakhe bokuthi ngosuku lwezithandani (Valentine’s Day) wadubula wabulala intombi yakhe uReeva Steenkamp izikhawu ezine ngesikhathi icashe endlini yangasese ngoba wabe ethukile ecabanga ukuthi isigebengu esingene belele endlini.

Kanti iBhodi elibhekele ushwele weziboshwa iParole Board ithathe isinqumo sokumkhulula uPistorius emva kokucubungula kahle imininingwane yokuziphatha kwakhe kanye nokuthi ubeqala ukwephula umthetho.Konke lokhu kwenzeke ngaphansi komthetho wesigaba 73 somthetho wezokuHlunyeleliswa kweziboshwa.

Siqhuba isitatimende sithi ukufakwa ngaphansi kokukhiswa kwesiboshwa ngoshwele kuseyingxenye engaphansi kokuhlunyeleliswa kwezimilo njengoba uPistorius uzoqhubeka eqashiwe ngaphansi kwaloluhlelo kuze kube kuphela isigwebo sakhe seminyaka engu 13 anqunyelwa sona.SANews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *