UMnyango wezokuthutha umemezele ukuthi usukulungele ukuqala uhlelo lwama-number plates amasha ezimoto KwaZulu-Natali

SHEILA MHLONGO

UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natali usumemezele ukuthi usukulungele ukuqala uhlelo lokukhipha ama- number plates  amasha. Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe abezindaba sithi loluhlelo luqala ngomhlaka 1 Novemba 2023.

UMnyango uthi ama-number plates amasha angeke esakhishwa ngokwamadolobha ngokwehlukana kwawo njengoba kade kwenzeka kodwa zonke izimoto zizoba ne-number plate eqala ngo ‘ZN’ njengoba sekuvele kwenzeka kwezinye izifundazwe.

Enye imbangela yalolushintsho idalwe ukuthi amanye amadolobha asephelelwe izinombolo, kanti ngaphambi kokuthi kuthathwe isinqumo sokuqaliswa kwaloluhlelo kuye kwaba nezingxoxo nezinhlaka ezithintekayo okuhlanganisa abe Road Traffic Management Corporation(RTMC), South African Bereau of Standards (SABS) kanye nabakhiqizi bama number plates.

Lama- number plates azoba nama features aqinile okuqapha izenzo zobugebengu.Ngesikhathi kuqhutshwa ukubhaliswa  kwezimoto umnyango uzoqinisekisa ukuthi wenza uhlelo lokweseka labo abazobe benza lomsebenzi.

Isigaba sokuqala sokubhalisa ama-number plates amasha luzoqala ukusebenza ezimtoweni ezintsha, ukubhaliswa kabusha kwezimoto kubanikazi abasha, izimoto ezisuke zintshontshiwe sezibhaliswa kabusha, kanye nezimoto zeminyango kahulumeni. Loluhlelo luqala ngomhlaka 1 Disemba 2023 kuze kube umhlaka 28 Febhuwari 2024.

Isigaba sesibili sona sizoqaliswa ngomhlaka 1 Mashi 2024, lapha loluhlelo lobe seluhlanganisa bonke abanikazi bezimoto ukuthi bashintshe izinombolo zama number plates wabo amasha.

Loluhlelo loqhutshwa isikhathi esiyizinyanga ezingu -24 kanti abanikazi bezimoto bayonikezwa izinyanga ezingu 21 ukuthi bashintshe ama number plates wabo kusukela ngomhlaka 1 Mashi 2024. – SANews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *