January 2025
Isexwayiso mayelana nezinhlobo ezintsha zokudunwa kwezimoto izigebengu ezicutha emagalaji kapetrol
Abantu bakuleli bayaxwayiswa ngezinhlobo zamaqhinga ezigebengu azisebenzisa ukuduna izimoto, ikakhulukazi njengoba kusondela isikhathi samaholidi okuphela konyaka.
UMnyango wezokuthutha umemezele ukuthi usukulungele ukuqala uhlelo lwama-number plates amasha ezimoto KwaZulu-Natali
UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natali usumemezele ukuthi usukulungele ukuqala uhlelo lokukhipha ama- number plates amasha. Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe abezindaba sithi loluhlelo luqala ngomhlaka 1 Novemba 2023.
UNgqongqoshe wezemiSebenzi uphika izinsolo zokukwabanisa emalini engu R5billion
UNgqongqoshe wezeMisebenzi uMnu. Thulas Nxesi uphika izinsolo zokukhwabanisa emalini engu R5 billion yesikhwama somshwalense wababasebenzi (Unemployment Insurance Fund). Lezinsolo zimayelana nesivumelwano esenziwa neThuja Holding.
Sigcine siphumelele isicelo sika Oscar Pistorius sokuthola ushwele
UMnyango wezokuHlunyeleliswa kweZimilo kuleli usukhiphe isitatimende sokuthi uOscar Pistorius usezothola ushwele wokukhululwa ejele kusukela ngomhlaka 5 January 2024.
Ngaphambi kokujabulisa umfundisi qala ujabulise umzali wakho
Ekupheleni konyaka anginibingelele sizwe sakithi , ngiyazi isikhathi esiyakuso yisikhathi sokubonga ikakhulu kwabezokholo kunezinkonzo eziningi ezihlelwayo ezokubonga abefundisi bengithi angidlulise lamazwi
Sigcine sivuliwe isibhedlela iDr Pixlesy Ka Isaka Seme
Sigcine sivulwe ngokusemthethweni isibhedlela i Dr. Pixley Ka Isaka Seme Memorial Hospital (DPKISMH, esisenyakatho yeTheku KwaMashu, lesibhedlela saqala ukwakhiwa ngonyaka ka 2015 ngethemba lokuthi sasiyophothulwa ngonyaka ka2020 kodwa okungenzekanga ngenxa yokuhlasela kobhubhane lwe Covid-19.
Isibhedlela sivulwe uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa ehambisana noNdunankulu waKwaZulu-Natali uNomusa Dube-Ncube kanye neMeya yeTheku ukhansela Mxolisi Kaunda, ngoLwesihlanu lomhlaka 24 Novemba 2023. Kanti nomndeni wakwaSeme ubukhona ukuzibonela kuvulwa isibhedlela esiqanjwe ngelunga lomndeni elingasekho.
Khona manjalo uMengameli uRamaphosa uphinde wembula isichushe sika Dr Pixley Ka Isaka Seme phambi kwezihambeli kanye nomndeni wakwaSeme.Ethula inkulumo yakhe uMengameli uthe lesibhedlela sakhiwa ngenxa yokukhula kwesibalo sabantu ababalelwa ku 1,5million abakhele indawo yakwaMashu, Inanda,Ntuzuma kanye nezindawo eziseduze ukuze kuphunguke umthamo othutheleka esibhedlela iMahatma Ghandi ePheinix.
“Ukuvulwa kwalesibhedlela kuyindlela uhulumeni abonisa ukuzibophezela kwakhe ngayo ukufeza umgomo we Freedom Charter oyalela ukuthi wonke umuntu athole ukwelashwa mahhala, kanye nokuthi kubekwe eqhulwini impilo yabantu besifazane nezingane”. Kusho uMengameli uRamaphosa.SANews.gov.za
Iqembu iSekhukhune United isimzingele yamthola umqeqeshu uMnu Seema
Iqembu isekhukhune isimemezele ngokusemthethweni ukuqokwa komqemqeshi walo omusha uMnu Lehlohonolo Seema
Iqembu le Richard’s Bay lizwakalise ukungenami ngesenzo samaqembu athize
Ikilabhu yebhola likanobhutshuzwayo i-Richard’s bay isizwakalise ukukhathazeka kwayo okukhululu mayelana nesenzo sokuziphatha kwamaqembu athile kwi Premier Soccer League kanye namaligi ezwekazi lase-Afrika ngokukhuluma nonozinto wabo uSalim Magoola.
Ebeshiyelana inkundla amaCiko akhubazekile nasafufusa kanye nosaziwayo endimeni yezomculo kowe ‘WE CAN FESTIVAL’
NgoMgqibelo womhlaka 18 Novemba 2023 kusihlwa ebusuku amaCiko asafufusa akhubazekile ebeshiyelana inkundla namaCiko asemkatshubomvu endimeni yezomculo ngesikhathi kuqhubeka umcimbi owaziwa nge ‘We Can Arts Festival’ ePlayhouse Theatre eThekwini, nobekungeyesishagalolunye (9) selokhu yasungulwa