Amalungelo ayishumi nambili (12) omuntu okhubazekile

KULOBA UMUSA E. ZULU

1)Kuyilungelo lakho ukuba namaphupho amakhulu futhi wenze ukuthi afezeke.

2)Kungumsebenzi wakho ukuthi ungalokothi uzitotose noma uzidabukele kodwa kumele uvume ukufunda empilweni ngoba ilapho uyothola khona ukuphumelela.

3)Kuphuma kuwe futhi ukuthi usebenze kanzima ukuze ukwazi ukuhola imali engakwazi ukukuphilisa ngaphandle kokuthembela kwisibonelelo sikahulumeni.

4)Uwena kuphela ongakwazi ukuzikhulumela mayelana nezingqinamba ohlangabezana nazo empilweni ukuze ukwazi ufinyelele  esicongweni.

5)Kukuwe ukuthi ukwazi ukuzimela nokuthi  uhloniphe isithunzi  sabantu abakunakekelayo, nokubeseka kulokhu abayikho.

6)Kuyilungelo lakho ukuthi usukume uphume ufune  abantu ozophilisana nabo  abazokunika uthando kanye  nobungani ukuze ukwazi ukukhula empilweni.

7)Kungcono futhi kulungile ukuthi wenze izinto ezizoqeda ukungabaza kulabo abakubukela phansi kunothi ulokhu ukhononda ngesimo sempilo yakho.

8)Ukhululekile ukuthi ungalokothi uphelelwe ithemba empilweni kodwa kunalokho ungakwazi ukuphila  impilo yakho noma uqoke ukuziyekelela impilo yakho yonke

9)Kuyilungelo lakho ukuthi yebo noma cha kunoma yini, nokuthi kuyilungelo lakho futhi ukushintsha umqondo ngokubona kwakho ikakhulukazi kulezikhathi ezishintsha shintshayo.

10)Kungumsebenzi wakho ukuthi weseke abanye abantu abaseduze nawe kunokuthi uhlale ufuna izinto zenzeke ngendlela yakho.

11)Kukuwe ukuthi  wenze izinto ezilungileyo futhi ukwenze kube umsebenzi wakho ukuthi uthole izixazululo ezinkigeni obhekene nazo wena njengomuntu okhubazekile kanye nalezo zinkinga ezikhungethe umphakathi  ophila kuwo.

12)Kukuwe ukuthi uzibone njengomuntu okhubazekile noma okwaziyo ukuzenzela izinto ngokuphelele ngaphandle kokubheka ukwenzelwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *