MINENHLE MHLONGO
UMasipala weTheku uzokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi izakhamuzi zihlala endaweni ephephile futhi ekhumbulekayo kanye nezivakashi ezibalelwa ku 792 410 ezilindeleke ukuba zithuthekele eDolobheni ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi. Lokhu kuhlanganisa ukuqinisa ithimba labasebenzi kanye nokwanda kokubonakala kwamaphoyisa ezindaweni kanye nokwanda kokubonakala kwamaophoyisa ezindaweni zokuvakasha nasemaphethelweni olwandle.
Lesi sibophezelo senziwe iMeya yeTheku uKhansela uMxolisi Kaunda ngesikhathi ethula ngokusemthethweni inkulumo yakhe emayelana nokulunga kweDolobha ukusingatha amaholidi ka December ngomhlaka 29 November e Wahooz eShaka Marine World .
”Sisebenze kanzima ukuqinisekisa ukuthi abahlali nabavakashi babanamaholidi amangazayo nokuhlala okuhle eThekwini.Izinga lokusetshenziswa kwamahhotela kulindeleke ukuba linyuke libe ku 75% uma liqhathaniswa nelangonyaka odlulile lona ebelingu 57%”. Kusho uKaunda oweleke ngokuthi balinganiselwa ku 65 abaqaphi abazobe betshalwe emabhishi kanye nabahlengi abawu160 abazovikela ukuminza kwabantu emabhishi abemithetho emikhakheni ehlukene kubalwa I Metro Police, Sooth African Police Services kanye ne Beach Law Enforcement officers abazobe beqaphe futhi begade njalo idolobha kanye namabhishi.
UKuqinisekisa ukuhlanzeka kwedolobha uphiko lwe Cleansing and Solid waste(CSW) seluqashe abasebenzi abengeziwe abangu 35, kanti alingiselwa ku 200 000 ama wrist bands asekhiqiziwe,lamabhande azosetshenziswa ukunqanda ukulahleka nokwebiwa kwezingane emabhishi,lelibhande lizobe libhalwe yonke imininingwane yomzali wenqane kanti nabaqaphi bazoqinisekisa ukuhlanganisa ngokushesha abantwana abadukelene nabazali.
Ngenkathi izakhamuzi nezivakashi zijabulela amaholide azo ube esenxusa umphakathi ukuthi uqhubeke nokulandela izinyathelo zokuphepha kanye nemithetho kamaspala.Imeya uKaunda inxusa umphakathi ukuthi uwajabulele amaholidi ukuze ayohlale eyisikhumbuzo kwabathandiweyo babo ngendlela ekhombisa ukuzicabangela nokwethembeka