Masibalekelele labo abaswele kulesikhathi samaholidi kakhisimuzi

Sanbonani ekhaya labansundu , uphelile unyaka yisikhathi samaholidi wakhisimisi bengicela nje ukuthi akesingabakhohlwa laba abangakwazi ukuzenzela ngenxa yezimo zempilo , ngisho abaswele bakithi , banesifiso nabo esokujabula ngokhisimisi kodwa injabulo yabo ivinjwe ukweswela , bengidlulisa nje isicelo sokuthi masibalekelele , uma kukhona umuzi oseduze kwakho owaziyo ukuthi kubi isimo asivumi lekelela noma ngephakethe elilodwa lenkukhu badle nabo .

Masibalekeleleni abaswele esinabo emphakathini , abanye zintandane ezingasenabazali zinesifiso sokuba neyngubo ezintsha zikakhisimisi nazo , lokho okuncane oyobe ukuzamile kuyokwamukeleka futhi kuyokulethela isibusiso nawe , umuntu ngumuntu ngabantu , kanti futhi ikusasa lomuntu alaziwa yingakho masingakhathali ukwenza okuhle kwabanye . Uma nje kuyoba nomndeni owodwa oyoba nokhisimisi ngoba benzelwe uwena izibusiso ziyoklandela kulonyaka ozayo . 

Obhalayo Umfundisi Katlego Nare 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *