Onesiphiwo sokusiza abantu ngebhodlela elinesiphambano uthi indlela ibuzwa kwabaphambili

UThanduxolo Khuzwayo ozalelwe eNanda iciko elicikoza ngebhodlela lengilazi elinesiphambano elisebenza ngezinkanyezi ukuletha izimpendulo osuke uzidinga.

Ngonyaka ka 2016 engqungqutheleni ye World HIV&AIDS etshela iphephandaba lomphakathi iKZN Namuhla uthi   wakhipha amabhodlela amathathu kanye ne rebon okwamukelwa uDebby wase UKZN.

“Ukuhlangana no General Kinini owaye yilunga lomkhonto wesizwe esiphinde sibe nofuzo olifanayo ngokomoya kungisize kakhulu ngeziyalo zakhe njengoba waye fundisa iSintu nasekubhaceni.

“Kuyimanje kunencwadi engiyibhalayo esendleleni emayelana nabantu abasemkhakheni yobuciko obehlukene ukuze bathole ukucijwa kanye nezeluleko ukuqhubekela phambili, nami ngiyatholakala ngo WhatsApp 0765492030” kuphetha yena uThanduxolo Khuzwayo.

Ukwazi kabanzi ngaleliciko elicikoza ngebhodlela elinosizo siyakukhuthaza ukuthi uxhumane naye uqobo lwakhe uThanduxolo ukuze azithamundele kabanzi ngomsebenzi wakhe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *